AMALUNGU e-EFF abefuna ukuzifikela mathupha kuthisha osolwa ngokuthumelela umfundi umphambili
Image: NKOSIKHONA CELE
KUME ukufunda amalungu omphakathi ne-EFF bevuka umbhejazane befuna kuxoshwe uthisha waseMziwamandla High School, kwaM eMlaza, osolwa ngokuthumelela umfundi wentombazane isithombe somphambili wakhe. I-EFF ingene ngaphakathi isho ukumudla luhlaza lo thisha Isolezwe elinalo igama lakhe nesibongo.
Kuvele kwabonakala ukuthi kuyonakala kwase kuba khona ababiza amaphoyisa njengoba bese kukhona ebebesho ukuzifikela mathupha kuthisha. Ngesikhathi kwenzeka konke lokhu uthisha ubemi nabanye othisha ebheke phansi njengomuntu ohanjelwe wumqondo. Ubebuye abonakale ecofa umakhalekhukhwini wakhe ewugqolozele.
Kukhona lapho uthisha ebonakale ebiza abanye abafundi abane ekhuluma nabo. Ubuye wabonakala ebambambatha emhlane. Ubekhuluma nabafundi besilisa. Kube nomsindo omkhulu ngaleso sikhathi abantu bemumemeza bemtshela ukuthi akahlukane nezingane abamethembi futhi abasamdingi emagcekeni esikole.
Uthishanhloko wesikole ubize umhlangano odonse isikhathi eside obuhlanganisa abazali bomfundi, abe-EFF kanjalo nabengamele ukusebenza kwesikole. Isolezwe lize lahamba umhlangano ungakapheli.
Ngaphakathi emhlanganweni nothisha ugcine ebizwa kwathiwa makangene awujoyine. Umthombo osondelene nalolu daba udalule ukuthi sekuphele inyanga umfundi engasalubhadi esikoleni.
''Lo mfundi akadlali uthi ngeke abuyele yena esikoleni uma kusekhona lo thisha. Asazi ukuthi le nto izophelelaphi ngoba nangu phela uthisha uyaqhubeka nokufundisa. Okubuhlungu wukuthi le nto ilimaza yena umfundi ngoba kuyafundwa phela esikoleni,'' kusho umthombo.
Ngaphambi kokuba uthisha athumelele umfundi umphambili kuthiwa bese kuphele isikhathi eside emeshela efuna ukuthandana naye. Umthombo uthe uthisha ubephikelela eshela umfundi yize umfundi wayesekhombisa izumpawu zokunengeka. Ngesikhathi Isolezwe lingena emagcekeni kube khona othile okhulume amazwi athi :" Nasiza nafika nizoke nitshele umhlaba ukuthi kwenzekani kulesi sikole. Bhalani impela kubi konakele lapha.''
USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Bongani Mthethwa, uthe lolu daba lungaphezulu kwabo. Uthe bayazi ukuthi umfundi sekuphele inyanga eduve ekhaya okuyinto athe ayiyinhle.
Uthe bazamile ukungenelela kodwa imizamo yabo iyabhuntsha. Uthe kwenzeka le nkinga nje basembhidlangweni wokubuyisa uzinzo nokuthula kulesi sikole ngoba vele sidume ngezinto ezingezinhle. Ezokuphepha zigcine ziqine kakhulu njengoba bese kuphithizela amaphoyisa abephethe izibhamu ezinkulu. Ngaleso sikhathi bekumile ukufunda nokufundisa othisha bemi izixongololo ngaphandle kwamagceke esikole.
Bekubonakala ukuthi babhunga ngalolu daba obelusematheni. ''Asihambe isikhohlakali asizile ukuzodlala la ngeke phela sikumele ukuthi izingane zethu zingahlala nothisha ofuna ukulala nazo ekubeni zincane kangaka,'' kusho uNksz Pinky Zungu we-EFF.
Eqhuba uthe kuyabakhathaza ukuthi kungaphela isikhathi eside kangaka kukhulunywa ngento eyodwa. Uveze ukuthi bake balukhuluma lolu daba phambilini kodwa kuyabethusa ukuthi namanje uthisha usekhona futhi uyafundisa.
Omunye umthombo upotshozele Isolezwe ukuthi zivele zimapeketwane izinto kulesi sikole ngoba kuningi okungahambi kahle. Umthombo ukhale kakhulu ngokuthi abafundi bakulesi sikole badla izidakamizwa njengokudla. ''Abafundi lapha esikoleni baphila ngezidakamizwa bazidla njengokudla inkosi impela,'' kusho umthombo.
Uthe akaboni ukuthi ikhona into enhle okumele abazali bayilindele ngemiphumela ka-matric kubafundi bakulesi sikole. Ulimise ngesihloko elokuthi kulesi sikole kudlalwa ucabhayiyane umdlalo wezingane.
"Ayikho indaba yalapha kuyabheda akusona isikole lesi wumdlalo,'' usho kanjena.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMuzi Mahlambi, uthe lolu wudaba olubucayi abazolufakela izibuko. Uthe uma kutholakala iqiniso ngalo kukhona igxathu abazolithatha njengoMnyango wezeMfundo.
Related Topics: