Fikile Mbalula
Image: Timothy Bernard / Independent Newspapers
ABAHOLI be-ANC bathi akusizi ukuthi kunconywe ubuhle bamabhuku ezimali komasipala kodwa izidingo zibe zingafinyeleli kubantu.
Lokhu kushiwo uSihlalo we-ANC kuzwelonke. uMnuz Gwede Mantashe noNobhala Jikelele uMnuz Fikile Mbalula, bekhuluma emihlanganweni ehlukene yokukhuluma namakhansela ale nhlangano izolo.
UMantashe okhulume eKhayelitsha eKapa, uthe kumele abantu bathole izinsiza, hhayi ukuthi kube mahle amabhuku okusebenza kwezimali kuphela kodwa dololo izinsiza.
"Abantu abadli amabhuku ezimali kodwa badinga izinsiza. Uma amanzi bengenawo, izindlu nezinye izinto, awasho lutho lawo mabhuku amahle okusebenza kwezimali. Yilapho ke amakhansela e-ANC okumele aqinise khona ekuhambiseni izidingo," usho kanje.
Usho kanje emva kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa, encome omasipala abaphethwe yi-DA, athe banemibiko emihle yezimali evela kuMcwaningi Mabhuku Jikelele.
Le nkulumo ayisho ngesikhathi kunokhukhulelangoqo womhlangano wamakhansela eGoli, ngeledlule, yagxekwa abanye ngaphakathi kule nhlangano bethi wenzele phansi i-ANC njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo.
UMbalula obekhuluma eGoli, uthe uRamaphosa ubengancomi i-DA kodwa ubekhuluma ngento eyashiwo nguMcwaningi Mabhuku jikelele.
Gwede Mantashe
Image: GCIS
Uthe amakhansela e-ANC ayakwazi lokhu okwashiwo nguRamaphosa owakhala ngokuthi njalo uma sekufika umbiko kaMcwaningi Mabhuku Jikelele, omasipala be-DA ibona abahlale behamba phambili uma kuqhathaniswa nabe-ANC.
"URamaphosa wathi akusikwe iphethini komasipala be-DA. Kodwa lokho akusho ukuthi ngoba imibiko yezimali yalabo masipala be-DA mihle, ukuthi abantu bayazithola izidingo," kusho uMbalula.
Ukhale ngokuthi uma abantu bengenawo amanzi bamane bathi sebekhathele i-ANC.
"Yingakho kumele sisukume ngoba yonke into abakhala ngayo bayibhekisa kwi-ANC. Abaholi be-ANC okuyizimeya, amakhansela kumele baye kubantu bayobachazela ngezinselelo ezenza ukuthi bangakwazi ukuthola amanzi."
UMantashe uthe usamile enkulumeni yakhe ayenza emhlanganweni waseGoli, lapho athi amakhansela e-ANC azi ukucula kuphela kodwa ahluleka ukuhambisa izidingo kubantu.
"Ngimile kwengakusho noma amakhansela amaningi adinwa. Uma ungayibizi imihlangano nyanga zonke emphakathini, uyikhansela elingawazi umsebenzi walo. Kumele uma uyikhansela uye emhlanganweni womkhandlu uye emphakathini uyowubikela okushiwo," usho kanje.
Utshele amakhansela ukuthi akekho umholi kazwelonke wale nhlangano ozowinela amakhansela ukhetho.
"Abantu bahlala emawadini, emagatsheni, ezifundeni ze-ANC, abahlali ekomkhulu lale nhlangano eLuthuli House. Yingakho kumele kusetshenzwe emagatsheni lapho kukhona khona abantu ukuze siwine ukhetho," kusho uMantashe.
Related Topics: