AMA-E-TOLL ayesebenza eGauteng ukubuyisa izindleko zokulungiswa kwemigwaqo emikhulu kulesiya sifundazwe
Image: Karen Sandison / Independent Newspapers
LUBHEKE eNkantolo eNkulu yasePitoli udaba lombango wesikweletu semali yama-e-toll avalwa ngonyaka odlule emuva kokuba yiva kubashayeli abaningi baseGauteng.
Ama-e-toll aqala ukusebenza ngoDisemba 2013 kulandela ukulungiswa kwemigwaqo emikhulu kulesiya sifundazwe.
Akhiwa njengendlela yokubuyisa izindleko zokulungiswa kwemigwaqo.
Emuva kweminyaka abashayeli bekhala abanye bengawakhokheli, agcine evaliwe ngo-Ephreli nyakenye kodwa amakhamera awo asele njengemizamo yezokuphepha ngokusho kukahulumeni ngaleso sikhathi.
Uhulumeni ngokwamazinga ahlukene wathembisa ukukhokhela izindleko.
Inhlangano i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA), ithe ifake amaphepha enkantolo lapho ifuna kukhishwe isinqumo sokuthi iSanral ingabe isaziqoqa izikweletu ezasala kubashayeli.
Emaphepheni ifuna kuphendule iSouth African National Roads Agency (Sanral), uNgqongqoshe wezokuThutha, owezeziMali nowamaHlathi, ukuDoba neMvelo noMqondisi Jikelele wakhona kanjalo nokhomishana wesikhwama esiqoqa intela iSars.
I-Outa ithe ngaphandle kwayo abanye abafake amaphepha ngabangu-2 028 abangafuni ukukhokha. Ngokwayo, iSanral iveze ukuthi izimisele ngokusiphikisa isicelo.
"Amaphepha asenkantolo afuna ukuthi inkantolo enkulu ikhiphe isinqumo esishoyo ukuthi iSanral isikuyekile ukufuna isikweletu kubantu abangu-2 028 abaphikisana naso nokuzobe kukhipha udaba lwayo enkantolo. Uma i-Outa iwina, imizamo yeSanral yokufuna imali kwabangu-2 028 izobe isiphela. I-Outa ifuna nokuthi inkantolo ikhiphe umyalelo ophoqa iSanral ukuthi ikhokhele izindleko ze-Outa zecala," kusho i-Outa.
Ithe iSanral yaqala uhlelo lokumangalela abangu-2 028 namabhizinisi angazikhokhelile izikweletu zama-e-toll yase icela usizo kwi-Outa yona yavele yavikela abasolwayo.
I-Outa ikholwa wukuthi iSanral yawalaxaza amacala ngesikhathi ibhodi linquma ngoMashi 2019 ukuma ukuqoqa izikweletu zama-e-toll.
"Kule minyaka eyisithupha kusuka lapho, iSanral ayikaze ithathe zinyathelo kulama cala manje i-Outa isifuna kuphume isinqumo esizoqeda konke."
Ngo-2015 i-Outa yasungula i E-Toll Defence Umbrella yokuvikela bonke abathola amasamanisi kwiSanral ngokungazikhokheli izikweletu zama-e-toll. Ngesikhathi ekhishwa isikweletu sasingu-R265 million.