Siya Mhlongo
Image: SIGCINIWE
UTHI uyaliphika icala lokushaya ngenhloso yokulimaza abekwe lona uMbuso owayengumsakazi woKhozi FM, uSiya Mhlongo. Ubenikezwe yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini, kuleli sonto, ithuba okokuqala ngqa ukuba ethule obakhe ubufakazi ngesigameko.
UMhlongo ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa ayethandana naye, uMnuz Njabulo Duma ngo-Agasti 31, 2024, eThekwini. Ugibele ebhokisini lofakazi weluswa ngemibuzo ngummeli wakhe, u-Advocate Simphiwe Mlotshwa.
"Ngiyawaphika amacala Nkosi yeNkantolo,'' kusho uMhlongo ekhuluma ngokukhulu ukuzethemba.
Uvumile ukuthi ubemazi kakhulu ummangali, wamchaza kanje: "Sahlangana ngoJanuwari 27, 2020, saba nobuhlobo bokuthandana ngemuva kwezinyanga ezimbili. Saphinde sahlukana ngoFebhuwari 2021.''
Ecelwa ukuba achaze ngobudlelwano bakhe nalo wesilisa ngesikhathi sesigameko uthe: "Ngesikhathi kwenzeka isigameko sasingabantu abathandanayo kodwa sisavumelene ngokuthi ubudlelwano singabugxilisi."
Uthe ngosuku lwesigameko bahlangana ngaphandle kwasemsakazweni Ukhozi FM emgwaqweni u-KE Masinga ngabo-1 emini.
''Saqala saya eMngeni esitolo esidayisa iziphuzo zokucima ukoma. Sadlulela eLa Lucia Mall, sase siya eGlen Ashley, lapho sasimenywe khona," usho kanjena.
Eqhuba uthe: "Safika ntambama sekuyoshaya ihora lesine lapho sasimenywe khona. Sahlala amahora angu-7 kuya kwangu-8. Sahlala naye saphinde sahamba naye sisuka eMhlanga saya eZai, kuFlorida."
Uthe ngaphambi kwalokho, babeqale baphuza utshwala iwayini elibovu. Kwathi nommangali waphuza iwayini elobomvu ne-Savanna. Uthe ummangali uyena owayeshayela imoto ababetetemuka ngayo ngalelo langa.
Uthe bafika eZai ngezithuba zawo-12 ebusuku. Uthe bahlala khona amahora amabili nje kuphela. Basuka eZai lisanda kugamanxa ihora lesibili ezintatha. Uthe sebesuka eZa, nguyena owabe eseshayela.
"EZai ngaphuza isiphuzo esisodwa izingilazi ezimbili zikagologo ijudwe nokuthule. Ayengasekho amatafula okuhlala ngesikhathi sifika eZai, sathatha isinqumo sokuthi sothenga ibhodlela likagologo 'njengomngenandlini' ukuze bezosamukela labo esizobajoyina etafuleni,'' echaza.
Uthe ummangali waphuza ugologo, wadlulela etafuleni labantu besifazane waphuza iwayini.
"Emva kwalokho, wase engihlebela ukuthi usezobiza amaSavanna lawa awaqale ukuwaphuza emcimbini,'' echaza.
Eqhuba uMhlongo uthe: "Wayehlezi nami ummangali ngesikhathi kusuka imoto sisuka eZai. Wayehlezi phambili eduze kwami. Wafika esihlalweni wasihlehlisa wahlala sakulala. Yayisivele isiqalile impikiswano ngesikathi sisuka eZai.''
Ephawula ngomnyombo wengxabano, uthe kwakumaqondana nokuteketisana phakathi kwakhe nomunye wesilisa owabajoyina etafuleni sebezohamba.
"Sixabana emotweni, kwaba nesiphakamiso sokuthi siyimise imoto khona sizokhuluma siyiqede inkulumo. Ngaqale ngamphikisa ngagcina sengivuma. Inkinga kwakusendaweni emnyama. Amalambu akuloya mgwaqo ayecimile ngaze ngamtshela ukuthi lana afune sime khona kuyindawo ebonakala ingaba nobungozi obukhulu kithina,'' echaza.
Uthe wagcina esevuma ngoba ummangali wayengamnike thuba.
"Akubanga yisikhathi esingakanani ngabona amalambu emoto eyayisondela izoma ngemuva kwethu. Ngambuza ummangali ukuthi ufuna sime lana ngoba efuna abantu bezongiphuca imoto na? Ngaso leso sikhathi kwaqhamuka amadoda amabili avula izicabha,'' esho.
Uthe kwaqale kwavuleka esakhe isicabha.
"Ngithe ngisazama ukuvimba esami kanti sesiyavuleka nalesi sikammangali. Kuthe kusenjalo, ngabona ukuthi okumqoka ukuba ngivikele ummangali. Umcabango wokuqala ngathatha ibhodlela elalihlezi lapho okubekwa khona isiphuzo sakhe. Ngalijikijikela ngenhloso yokunemba lo engangicabanga ukuthi uyisigelekeqe,'' usho kanjena.
Uthe waqaphela ukuthi lo obevula isicabha ngakummangali ugijime wazolekelela lo obevula isicabha ngakuyena base bayamdonsa waphumela ngaphandle. Bengishaya ngezibhakela nangezinyawo bengikhahlela. Imoto bagcina beyithatha. Yagcina itholakala esigangeni eMlaza - amaphoyisa ayithatha ayiyisa esiteshini iBhekithemba,'' echaza.
Uthe wabe esevula icala lokudunwa imoto. Icala walivula ngoSepthemba 1, 2024, kuyiSonto, wathi bathatha i-laptop, izibuko zelanga, ijakhethi enkulu yamakhaza, isikhwama sami somsebenzi engisebenza ngaso uma ngiya emsakazweni, iwashi lami nokunye okuningi.
Ebuzwa ukuthi wamgcina nini ummangali, uthe ngosuku lwesigameko wabe esezama ukumshayela ucingo lwaqale lwangena kodwa lwagcina lungasangeni.
''Ngabe sengicela umama ongizalayo ukuba azame ukungibhekela yena,'' echaza.
Uthe wagcina ukumbona endaweni yesigameko ehamba kahle engagijimi. Ngagcina ngibona izithunzi angibange ngisambona ukuthi yena uphelelephi ngoba wayesehamba ngezinyawo.
Uthe kungamampunge ukuthi wamshaya ummangali waphinde wamklinya. Uthe akakaze akhulume nomphenyi mayelana necala lokudunwa kwemoto ngoba imoto ahamba ngayo ayikho egameli lakhe, isegameni lomhlobo wakhe. Icala lihlehliselwe u-Okthoba 6 no-7.
Related Topics: