SASSA
Image: Sassa
KUPHENYWA abahola izibonelelo zakwaSassa abangaphezu kuka-220 000 KwaZulu-Natal, ukuthi abaphinde bathole imali engxenye njengoba behola lezi zibonelelo.
Lolu phenyo lwenziwa yiSassa ebabheka ngisho kwa-credit bureau, ukuthi isimo sabo asishintshile selokhu baqala ukuhola izibonelelo.
Lokhu kudalulwe yisikhulu esibhekele izibonelelo kwaSassa ,uMnuz Brenton van Vrede, ngesikhathi ethula umbiko ekomitini lasePhalamende.
"Ngokwezibalo kuzwelonke, bangu-396 424 abaphenywayo abahola izibonelelo kanti laba sibabheka ngisho kwa-credit bureau. I-KZN yisona sifundazwe esinesibalo esikhulu kwesibaphenyayo ngabangu-226 937. Siphenya ngoba uthola ukuthi umuntu ufike asho okunye kwaSassa, bese umbona esene-akhawunti yasesitolo noma sekuvela ukuthi unezikweletu ekubeni ethola isibonelelo," usho kanje.
Uthe kwa-credit bureau banalo lonke ulwazi abaludingayo ngomuntu kanjalo nezikweletu anazo.
"Uma sithola ukuthi wakokotela ulwazi ngesikhathi efaka isicelo kwaSassa, sibe sesisihoxisa isibonelelo. Abantu abalethe ulwazi oluyiyo uma befaka izicelo kwaSassa."
Uveze ukuthi abagcini ngokubheka ulwazi kwa-credit bureau kodwa nakwezinye izinhlaka okubalwa uphiko oluqoqa intela kuleli iSARS, isikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo iNSFAS, isikhwama sezimpesheni sabasebenzi bahulumeni, kanjalo nezinye izindawo.
"Lokhu sikwenza ngoba sifuna ukuthola ukuthi abahola izibonelelo abaphindi yini uthole ukuthi bayasebenza. Asifuni kube nabaqola imali kahulumeni."
Kulo mhlangano kuvele nokuthi isibonelelo sabangatohozi sabelwe u-R34.9 billion kulo nyaka mali u-2025/2026. Le mali ihlinzekwe kuze kube uMashi 2026.
UMnuz Themba Matlou oyisikhulu esiphezulu seSassa, uthe bathola izicelo ezibalelwa ku-18 million, zabafuna ukuhola lesi sibonelo sabangatohozi.
"Sigcine sigunyaze abangu-7.2 million kuleli. Isibalo esiphezulu sabahola lesi sibonelelo yiseKZN ngabangu-1.7 million. Kulandela iGauteng ngabangu-1.2 million, endaweni yesithathu yisifundazwe i-Eastern Cape ngabangu-970 547," usho kanje.
Amalungu ekomiti akhale nangemali eyachithwa yizikhulu zomnyango ezazithamele umhlangano we-United Nations eMelika. Kulo mhlangano okwakuhambe izikhulu eziyisikhombisa, kwasetshenziswa u-R3 million.
Usihlalo wekomiti i-Appropriations, uDkt Mmusi Maimane, ukhale ngokuthi inkulu kakhulu le mali eyasebenza.
Ubuze ukuthi sasikuphi isidingo sokuthi kuhambe abantu abayisikhombisa ngoba sasingehliswa isibalo?
"Uma ubala imali eyasebenza, ibalelwa ku-R400 000 umuntu ngamunye. Le mali yayingasetshenziswa ukukhokha izibonelelo."
Umqondisi jikelele eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnuz Peter Netshipale, uthe kwakunesidingo sokuthi lezi zikhulu zithamele lo mhlangano ngoba wawukhuluma ngeqhaza labesifazane kanjalo namantombazane.
SASSA
Image: Sassa
Related Topics: