Iziqu
Image: Sigciniwe
KUGXEKWE izikhungo zemfundo ephakeme, ezisagoloza neziqu zezitshudeni ngenxa yokuthi zikweleta lezi zikhungo.
Ezinye zalezi zikhungo kuthiwa azifuni ngisho ukukhipha izitatimende eziveza ukuthi leso sitshudeni siziphothulile iziqu ukuze sikwazi ukuyofuna umsebenzi.
Lesi sikhalo sivezwe yilungu le-EFF ePhalamende uMnuz Sihle Lonzi, ngesikhathi kunomhlangano wekomiti lemfundo ephakeme izolo.
Uthe kuyaxaka ukuthi namanje kusanezikhungo ezisaqhubeka nalo mkhuba ekubeni ngabe kunikwa izitshudeni izimfanelo zazo.
"Sikhathazekile ngokuthi lezi zikhungo zivimba izitshudeni ukuthi zithole umsebenzi. Kumele kube nomthetho wokuthi ziphoqwe ukuthi zikhiphe izimfanelo uma izitshudeni seziphothule iziqu, ukuze zithole umsebenzi," usho kanje.
Usihlalo wekomiti, uMnuz Tebogo Letsie, uvumelene noLonzi, wathi kumele kube nemigomo ebekelwa izikhungo ukuze zidedele iziqu zabaphothule ukufunda.
UDkt Nomusa Dube-Ncube, iPhini likaNgqongqoshe kulo mnyango, uvumelene noLonzi, wathi akumele abakweletayo babanjelwe imali.
Uthe sebeke baba nezingxoxo nezikhungo zemfundo mayelana nokuthi kudedelwe izimfanelo zezitshudeni noma kuthiwa ziyakweleta.
"Sizazisile izikhungo ukuthi lo mkhuba wokubanjwa kweziqu uyaqhubeka, ekubeni zona ziveza ukuthi zikhipha izitatimende zemiphumela. Akumele izitshudeni zibanjelwe imiphumela ngisho noma kuthiwa ziyakweleta."
Uthe kumele zinikwe ukuze zikwazi ukuthola umsebenzi.
"Kudingeka kushintshwe umthetho ngoba ezinye zezikhungo ziyisa umnyango enkantolo ngoba zikhala ngokuthi singena i kwezinye zezinto okungamele singene kuzona."
ULetsie uthe lezi zikhungo zixhaswa ngemali enkulu ngumnyango kodwa ziyagoloza ukwenza ezinye zezinto.
Okunye okukhalwe ngakho kulo mhlangano yindaba yokunyuswa kwemali yokufunda minyaka yonke ezikhungweni.
UMqondisi jikelele womnyango, uDkt Nkosinathi Sishi, uthe minyaka yonke bahlale bekhipha umyalelo kulezi zikhungo ukuthi zicabange uma sezinyusa imali.
"Into esiyenzayo ngukuthi njalo ngoNovemba sikhipha umyalelo wokuthi okungenani imali inyuswe nge-CPI. Into lezi zikhungo eziyenzayo sezimane zisondeze usuku lokunquma ngokuthi imali inyuswa kangakanani singakawukhiphi umyalelo ukuze sithi uma sesiwukhipha kube sekudlule yonke into. Kudingeka kushintshwe umthetho ukuze uNgqongqoshe womnyango, abe nezwi lokugcina ngokunyuswa kwemali," kusho uSishi.
Okuphinde kwakhalwa ngakho kulo mhlangano yindaba yokungabikwa ngendlela kwamacala athinta ukuhlukunyezwa kwezitshudeni ezikhungweni.
ULetsie ukhale ngokuthi ezikhungweni eziningi siphezulu isibalo sezitshudeni ezihlukunyezwayo kodwa kungenzeki lutho.
"Siyadinga ukwazi ukuthi kwenzekani ngalawa macala ngoba abazali bathumela izingane zabo ezikhungweni zemfundo ukuthi ziphephe, hhayi ukuthi zidlwengulwe abanye babasebenzi. Sihlale sithola imibiko ngezitshudeni ezidlwengulwa abasebenzi ezikhungweni," kusho uLetsie.
Related Topics: