Izindaba

Kuhlukane imibono ngoRamaphosa oncome omasipala be-DA

Mhlengi Shangase|Published

UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa

Image: ANC/X

KUHLUKANE imibono ngenkulumo esuse imvunge kaMengameli Cyril Ramaphosa yokuncoma omasipala abaphethwe yi-DA.

URamaphosa uthe labo masipala baphethwe kahle wanxusa amakhansela e-ANC ukuthi asike iphethini, ahambe ayothekela ulwazi kubona.

Emuva kwale nkulumo, kukhona abathi udayise nge-ANC ekubeni kubhekwe okhethweni. Ngakolunye uhlangothi, i-DA izishaya isifuba ngokunconywa nguRamaphosa.

Le nkulumo uyenze ngoMsombuluko, ngesikhathi ekhipha umkhombandlela ngokumele amakhansela e-ANC akwenze ukuze abuyise ukwethenjwa kwabantu ngenxa yokuthi le nhlangano yehlelwa ukwesekwa.

Ezinkundleni zokuxhumana kuFacebook weSolezwe, kuhlukane imibono abanye bethi kakade uqinisile ngoba vele labo masipala be-ANC bayabhacaza. 

Nakhu okunye ukuphawula kwabantu:

UPhilan MuchMoney uthe: "URamaphosa ukhankasela i-DA ngeziphansi, wenzela ukuthi abantu bavotele yona kunokuvotela iMK noma EFF. Umdayisi womzabalazo lo baba. Ayikho nje into esile eyenziwa i-DA."

Sizwe Ndlovu Kwasjula-Sekosala uthe: "Uwuqedile umlando ngenhlangano i-ANC. Usewufezile umsebenzi wakhe wokuzoqeda ngoKhongolose, akakaze vele waba yi-ANC uRamaphosa uyi-Capitalist ye-DA.

Mthembiseni Khanyile-Iqiniso esingeliphike nje leli ngabelungu ngoba ngisho kwizinkampani sifuna ukusebenzela kweyomlungu kuneyomuntu omnyama ngoba akanaqiniso kwezezimali umuntu omnyama.

Zwelihle Zimu-Ubeqinisile, nowethu uMsunduzi sifuna uphathwe yiyo sizokwenza konke okusemandleni.

Ernest Mchunu-Iqiniso elimsulwa lelo abantu abamnyama into abayaziyo ukuntshontsha izinto engabe zizosiza abantu baphinde badlale nangezingane ngokuthi bazikhwele ngoba nakhu zincenge amatoho kahulumeni, kube sengathi owakhe lowo msebenzi.

Mkhulu Ndebeleh-Ngiyaqala ukuzwa u-president wethu ekhuluma iqiniso kanje futhi ngiyaqala ukuvumelana naye.

Mlungic Sibiya-Kuthiwa nicula kamnandi impela kodwa dololo ukusebenza.

Mchazeleni Mbhele-Ubekhuluma iqiniso, yalithola embikweni kaMcwaningi Mabhuku.

Veli Veli Nkosi-Linishonele masela ndini.

Blessing Masinga-Uqinisile umengameli, balibala ukucula badanse njalo uma sibabona, eqinisweni ubahlulile umsebenzi bangamsoli umengameli wethu naye uyazibonela.