Kuyaphenywa ngokubulawa kukasomatekisi eSoweto
Image: Sigciniwe
Kudutshulwe kwabulawa usihlalo weNational Taxi Alliance eGauteng uMnuz Thami Moyo emgwaqweni omkhulu uSoweto Highway, ngaseDiepkloof ngoLwesine ekuseni.
Kuthiwa umufi ubehamba yedwa emotweni esuka eSoweto ilibangise edolobheni laseGoli ngesikhathi evinjezelwa abasolwa abebehamba ngezimoto ezimbili itekisi kanye nemoto encane yohlobo lwe-yaris.
UColonel Mavela Masondo okhulumela amaphoyisa eGauteng uthe abakwazi okwamanje ukuqinisekisa ukuthi lokhu kuyingxenye yodlame lwabamatekisi kodwa ngeke bakuzibe lokho ngoba umufi ungusihlalo kasoseshini wenhlangano yamatekisi eGauteng.
"Njengamanje sizophenya ngodlame lwamatekisi ngoba akukho okuthathiwe kumufi, zonke izinto zakhe zingakuyena. Sibheka nentululwane yezinhlamvu ashaywe ngayo kuyasitshela ukuthi bekuqondwe yena ngqo," kusho yena.