Izindaba

Ithatha elinye igxathu eyezinsolo zokucwasa ezibhekene noMcKenzie

Fanelesibonge Bengu|Published

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uMnuz Gayton McKenzie

Image: Gayton McKenzie / Facebook

ITHATHA elinye igxathu eyenzinsolo zokucwasa ngokobuhlanga ezibhekiswe kuNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMnuz Gayton McKenzie, njengoba iSouth African Human Rights Commission SAHRC, isimemezele ukuthi izomusa eNkantolo yezokuLingana.

Okuqhathe uMcKenzie nekhomishini yizikhalo eyazothola ebantwini abamsola ngokucwasa ngokobuhlanga.

Lokhu kulandela ukupeqululwa kwezinkulumo zakhe zakudala azifaka kwi-X, lapho kwezinye kwasebenza khona igama elicwasa abamnyama eliqala ko-K.

Kuvundululwa izinkulumo nje, abantu babemsola ngobuxoki kulandela ukugxeka abohlelo lweYouTube i-Open Chats Podcast ayebasola ngokucwasa amakhaladi.

I-SAHRC ithe emuva kokuthola izikhalo, yazicubungula yase ibona ukuthi kukhona okuphathekayo ngokuthi wenze icala.

"Emuva kwalokho, ikhomishini ibe isithumela incwadi yezinsolo kuNgqongqoshe uMcKenzie. Ikhomishini ayikaze iyithole impendulo kungqongqoshe," kusho iSAHRC.

Ithe isithathe isinqumo sokulifaka ngokushesha eNkantolo yezokuLingana lolu daba.

Iphawula nge-Open Chats Podcast, ithe abasakazi bayo uMthokozisi Methula, Honeshna Margarido, Gontse Madikwane noLefa Hlalele bayalalwe ukuthi baxolise ohlelweni futhi nesixoliso sithunyelelwe ikhomishini. Bayalelwe nokusikhipha isiqephu esinenkulumo esuse umsindo.

Okwasusa umsindo yinkulumo eyenziwa kusona lapho omunye wabo wathi kuthiwa imindeni yamakhaladi ilalana yodwa.

Omunye wajobelela ngokuthi angakukholwa lokho ngoba "ayahlanya".

Ikhomishini ithe laba bawuvumile umyalelo futhi bathi ngeke baphinde benze inkulumo efanayo.

Bazophinde bayokwenza imisebenzi yomphakathi baphinde baqeqeshelwe ukuba nenhlonipho kwabezinye izinhlanga.