UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela
Image: Siyabulela Duda
KUNENHLANSI yethemba ngezitshudeni ezevile ku-40 000 ebezingalutholanga uxhaso esikhwameni iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), njengoba sezizoxhaswa.
Lokhu kulandela ukuthi lesi sikhwama kanjalo noMnyango weMfundo ePhakeme, bethathe imali kwezinye izinhlelo ukuze kuxhaswe lezi zitshudeni.
Lesi sikhwama sibe nenkinga yokushodelwa yimali ngenxa yokwanda kwabafuna ukuxhaswa.
Isitatimende esikhishwe yilesi sikhwama izolo, siveze ukuthi kuno-R13.3 billion, otholakele ukuze kwesekwe izitshudeni ezingu-49 000.
"Kule mali kuzoxhaswa izitshudeni ezingu-34 000, ebezingakwazi ukubhalisa kanjalo nezinye ezingu-15 000, ebezibhalisele ikota yesibili yonyaka. Ukwanda kwabafuna uxhaso kwenze sangakwazi ukuxhasa zonke izitshudeni," kusho iNSFAS.
Ithe ukwehla kwemali ehlinzekwa nguhulumeni ngenye yezingqinamba ezenze ukuthi bangakwazi ukuxhasa abebedinga uxhaso.
"Izitshudeni ezisenkingeni ezasemanyuvesi, ezafaka izicelo ngesikhathi kubhalisa abasemakolishi amakhono ama-TVET. Ezinye ezabhalisa ngemuva kokuvalwa kwesikhathi sokufaka izicelo. Elinye iqoqo yizitshudeni ezazifake izikhalo zokuthi kubuyekezwe isinqumo sokungaxhaswa, okwathi uma sekubhekwa kwatholakala ukuthi bekumele zixhaswe."
I-NSFAS ithe bazokhokhelwa nomastende abebengakhokhelwe ngenxa yokuthi izitshudeni bezingakalutholi uxhaso.
"Sifuna kube nozinzo emkhakheni wemfundo ephakeme kulo nyaka. Kusadingeka ukuthi kube noxhaso oluthe xaxa ukuze sixhase abadinga usizo."
I-NSFAS ibonge izinhlaka ezehlukene ezikwazi ukubekezela njengoba kunenselelo emalini.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, uke wayiveza eyokuthi siyanda isibalo sabadinga ukuxhaswa ngemali yokufunda.
Ubalule izinselelo ezibhekene nesabelomali kanjalo nokwenyuka kwezinga lempilo njengezinye izingqinamba ezenza ukuthi bangakwazi ukuxhasa bonke abadinga usizo.
Yingakho kunxuswe abafuna ukuxhaswa ngonyaka ozayo ikakhulu abaku-matric ukuthi basheshe bafake izicelo zoxhaso kwiNSFAS njengoba ngoNovemba kuvalwa lolu hlelo.
Related Topics: