SIYA MHLONGO USIYA MHLONGO obhekene necala lokushaya
Image: SITHUNYELWE
IBHUNTSHILE imizamo kaSiya Mhlongo (42) yokuba iNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ingabemukeli ubufakazi bommangali ngoba "buntekenteke futhi bungesebenziseke enkantolo".
Le mizamo kaMhlongo kumane kwafana nokuthi ubemane ethela amanzi emhlane wedada njengoba inkantolo isiphikisile isicelo abesifakile.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngeledlule, abameli bakaMhlongo bafaka isicelo kule nkantolo sokuba kubuyekezwe ubufakazi obethulwa ummangali njengoba bakhala ngokuthi buntekenteke futhi buyaphambana.
Lo msakazi ongaphandle ngesexwayiso ubhekene necala lokushaya alimaze kabi uMnuz Njabulo Duma (29) okuthiwa wayeyisinqandamathe sakhe. Lesi sigameko kuthiwa senzeka eThekwini ebusuku bango -Agasti 31, 2024.
Abameli bakaMhlongo okunguMnuz Sikhumbuzo Mathabela obuye abe ngumfundisi odumile eThekwini no-Advocate Simphiwe Mlotshwa benza izethulo behlaba behlikiza ubufakazi bukammangali. Baveza ukuthi kunamaphuzu ebufakazini bommangali ababona kehle nje ukuthi awanasisekelo.
Bakhala ngokuthi kukhona lapho ummangali owathi khona akazange ambone uSiya emjikijela ngebhodlela ngoba wayesabheke phansi wezwa ngalo selimshaya. Bathi kuyona le nkantolo waphinde wathi wambona uSiya emjikijela ngebhodlela. Okunye abakhala ngakho abameli bakaSiya ukuthi kungani inkantolo ithembe ubufakazi obethulwa umuntu okwenzeka isigameko ecwile kwizinkamba zikaFaro.
Bakhala ngokuthi lobu ubufakazi okungelula ukuthi kungamiwa ngonyawo olulodwa kuthiwe ngempela buyiqiniso. Bakhale nangokuthi ummangali wathi waklinywa ekubeni udokotela owamhlola, wafika enkantolo wathi zazingekho izimpawu zokuthi ngampela waklinywa.
Izolo, imantshi uMnuz Mhlonipheni Sibiya ikhiphe isinqumo esimchithile uSiya nabameli bakhe. Imantshi ithe ubufakazi obuphambi kwayo abukho ntekenteke ngale ndlela abachaza ngayo. Ithe ubufakazi enabo bungasetshenziswa yile nkantolo.
Uveze ukuthi inkantolo yemantshi ingahoxisa kuphela ubufakazi bommangali uma kubonakala ngampela ukuthi kwabenele futhi kabuwenzi umqondo. ''Kodwa kulokhu akunjalo, sikhuluma ngento ehlukile elapha phambi kwami nani futhi ephambi kwethu,'' kusho imantshi.
Ngemuva kwalesi sinqumo, imantshi inikeze uMhlongo nabameli bakhe ithuba lokuba baphumele phandle bacabange ngesinyathelo abazosithatha ngemuva kwalesi sinqumo.
Nebala uMhlongo nabameli bakhe baphumele emnyango. Babuye ngemuva kwesikhathi esingangemizuzu eyishumi. Ibibonakala ebusweni indumalo kuMhlongo ngemuva kwesinqumo senkantolo. Kwenzeka konke elokhu nje, kuzokhumbuleka ukuthi omele uMbuso, uMnuz Ntshalintshali, wayesiphikisile lesi sicelo.
Wathi akumele inkantolo ilalele udaba lokuthi ummangali kwakungelula ukuba akhumbule konke ngoba wayekade ephuzile ngesikhathi sesigameko.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMhlongo uyena owazicelela ukuba Ukhozi FM lummise kancane nokwagcina sekuholela ekutheni angabe esabuyiswa uma sekwenziwa izinguquko zango-Ephreli. Icala liyaqhubeka.
Related Topics: