UNOBHALA jikelele weSACP, uMnuz Solly Mapaila, ehlangana noMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa emhlanganweni weCosatu eGoli
Image: Cosatu/X
SIYAQHUBEKA nokushuba isimo phakathi kwe-ANC neSACP njengoba amaKhomanisi ethi ngeke ancetheze kuKhongolose njengoba ebizwa ngawo wonke amagama kumadlelandawonye.
Lokhu kushiwo uNobhala jikelele weSACP, uMnuz Solly Mapaila, othe bahlale begxekwa selokhu bamemezela ukuthi bazongenela ukhetho ngokuzimela.
"Siyalingana singamadlelandawonye. Ngeke sincetheze kuKhongolose ngoba sekuphele iminyaka siwa sivuka nawo. Sekuphele iminyaka engu-70 seseka i-ANC, sifuna ukulingana," kusho uMapaila ethula inkulumo emhlanganweni weCosatu eGoli.
Uthe abashintshi ekutheni bangenela ukhetho ngokuzimela ngoba ziningi izinto i-ANC ezishaya indiva, engazilungisi.
Uveze ukuthi abazi nokuthi i-ANC iwuthathaphi umkhombandlela wokusebenza ne-DA ngoba sekuphele iminyaka bengahlangani nale nhlangano.
"Sihlale sikhala ngokuthi asihlangani singamadlelandawonye. Sekuphele cishe iminyaka engu-10 singahlangani ukuze kulungiswe indaba yokubuyekezwa kwamadlelandawonye."
UMapaila uthe i-ANC iyaqhubeka nokungabahloniphi njengoba ingazange ibabize emhlanganweni wokunika umkhombandlela wokusebenza kwamakhansela obuseGoli.
"I-ANC iyaqhubeka nokungawahlonipha amadlelandawonye. Asimenywanga emhlanganweni wamakhansela e-ANC, ngicabanga ukuthi neCosatu ayizange imenywe," kusho uMapaila.
Uthe akumele iCosatu ihlukane phakathi ngokuthi izokweseka bani okhethweni.
"Asikhathazekile ngokuthi iCosatu izokweseka bani okhethweni oluzayo. Asiphoqi ukuthi iCosatu iseseke kodwa uma yeseka ongxiwa, ayiphumele obala ikwenze lokho ngokukhululeka futhi ningasifaki thina. Kulele kwiCosatu ukuthi inqume ukuthi yeseka bani okhethweni," kusho uMapaila.
Uthe beyiSACP babizwa ngawo wonke amagama afaka nokuthi baxova amadlelandawonye.
Uveze ukuthi u-99% wamalungu abo ungamalungu e-ANC.
"I-ANC izobe izidubula yona onyaweni uma ikhethisa amalungu eSACP ukuthi ubani okumele amvotele. Amalungu ethu amaningi aphinde abe nobulungu be-ANC."
Umengameli we-ANC nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe kumele iphele eyokuqashwa kwezinkampani ezizimele ukuzokwenza umsebenzi komasipala.
Uthe uma kuzoqashwa komasipala lokho kuzokwehlisa izinga lokungasebenzi kwabantu bakuleli.
"Siyabuhlonipha ubudlelwano esinabo neCosatu siwuhulumeni. Lo mfelandawonye uneqhaza elibalulekile njengoba ubuwa uvuka ne-ANC nangaphambi kwenkululeko," usho kanje.
Uthe kumele kuliwe nesihlava senkohlakalo nokungaphathwa kahle kwemali kuhulumeni nakomasipala
Uveze nokuthi kumele amadlelandawonye abumbane ngoba ayadingana.
"Sisuka kude kakhulu ukuthi ekugcineni singamane sihlukane kanjalo singamadlelandawonye. Uma sihlukana sizontenga. Siyayihlonipha iSACP ngokungenela ukhetho noma singahambisani nesinqumo sayo. Lesi sinqumo sizoba nomthelela ongemuhle kithina sonke, ngoba kubalulekile ukuthi sibumbane," kusho uRamaphosa.
Related Topics: