Izindaba

Ubadide wabaqeda abantu uPearl Thusi ngengxoxo yakhe kuBeauty and the Bester

Wandile Dlamini|Published

Ubadide wabaqeda abantu uPearl Thusi ngengxoxo yakhe kuBeauty and the Bester

Image: Sigciniwe

Kuvungame izinkundla zokuxhumana abantu bebabaza ukuphambana kodwaba lukaPearl Thusi ngobudlelwane bakhe noThabo Bester. Lokhu kulandela isiqephu sokuqala seqophamlando i--Beauty And The Bester eqondiswa yinkampani kaMandla N ekhuluma udaba lukaThabo Bester noNandipha Magudumana. Kuleli qophamlando, kuvezwa izingxoxo zabantu abahlukene okubalwa kubo osaziwayo abasondelene nalezi zithandani ezabanjwa ezweni laseTanzania ngemuva kokuvela kwemibiko yokweqa kukaBester ejele laseMangaung.

Uciphize izinyembezi ekhumbula isikhathi ebhekene nombulali futhi ongumdlwenguli owamsabisa ngommese, umethuli wezinhlelo uPearl Thusi nokade ekhuluma ngakho ohlelweni iBeauty and the Bester, ekhonjiswa kwiNetflix kusuka ngoLwesihlanu.

UPearl uthe uBester wamazi eqala ukumbona enkundleni yokuxhumana iFacebook nala amcela ukuthi basebenzisane njengoba befuna umethuli wohlelo abazolwenza nala azohola khona imali ewu-R70 000.

"Inkundla iFacebook ngaleso sikhathi yayisahamba phambili lezi ezinye zingakabi bikho. Saqala ukuxhumana naye ngoJuni, wango-2011, wangitshela ngethuba lomsebenzi analo, sase sihlela ukuthi sohlangana kanjani, nangempela sakwenza lokho. Ngafika kuye wagibela emotweni sahamba imizuzu engu-25, wabe esengitshela ukuthi angijikele komunye umgwaqo, ngathi ngisahamba ngawo waphela, uma ngimbuka kula ngabona khona ukuthi usephethe ummese uwubhekise kimi. Ngathuka kakhulu ngazibona ngiyisilima, ngambuza ukuthi kungani enza lokhu? Wangitshela ngobunzima bempilo yakhe nezinto asedlule kuzo," kusho uPearl.

Kube nezinkulumo eziningi ngale ndaba selokhu yethulwe, kanti abanye abafana nonontandakubukwa we-YouTube uSlik Talk bathi mhlawumbe uPearl ulele noThabo Bester ngoba usebenzise amazwi afana nokuthi “ngiphuthuma, ngisencane, ngingenalwazi,” kanti abanye bathi lokhu kungaba amanga ngoba uma wake wakhuluma ngale ndaba eminyakeni eyedlule wayexoxa indaba ehlukile.

Ukuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana:

UNota ongu-phrojusa odumile endimeni yomculo, uphawule kabanzi ngoPearl ngobudlelwane bakhe noThabo Bester

@lavidaNOTA UPearl Thusi akayena nje umqambimanga omubi kodwa ungumdidiyeli ecaleni lokubulala onecala... Bekufanele aboshwe noThabo Bester esikhundleni sokwenza sengathi ufuna ubulungiswa ngoReeva ngoba wayezizwa enecala ngokusiza owesilisa ukuba abaleke ekubulaleni abesifazane! Njengoba ngike ngasho ukuthi ngangikhona ngesikhathi kufika amaphoyisa afuna uThabo Bester ezobopha uPearl Thusi. Wayengu-MC emcimbini engangiwulungiselela.Ngicabanga ukuthi wabonisa amaphoyisa isikhali esasetshenziswa ukubulala!

Prosper 𝕏@qhamadlula_·Sep 13 UPearl Thusi ubengavele asitshele ukuthi ujole naye (inzwabethi). Yebo, besizomahlulela kodwa besizoqhubeka nempilo ekugcineni, ngibona sengathi kukhona angasitsheli kona ngoba indaba yakhe ayinaso isiqiniseko.  #BeautyAndTheBester

OnTheGround@GroundMatters·22h UPearl Thusi abonakale emdlalweni iBeauty and the Bester edida ngendlela eyisimanga. Udaba lwakhe ngokuhlangana okubuhlungu noThabo Bester, lapho okwaqala ngobumnandi begigi kwaphenduka isimo esibi emotweni ehlaselwa ngommese, kodwa futhi kwashintsha ngosizo lokuhlengwa umfundisi wakhe. Akasho lutho ngamaphoyisa, ushiya ababukeli bezibuza ukuthi ngabe kukhona yini umkhondo wangempela owalandelwa amaphoyisa. Ngaphezu kwalokho, uPearl uyavuma ukuthi wathandazela uBester, nokuyinto edida okokugcina ukuba nozwelo ngombulali.

Omunye umfundi ephawula ngokufika kwamaphoysa kuPearl Thusi

Image: Facebook

Abanye abantu bavundulule inkulumo abanayo nephephandaba iSowetan ekhuluma ngalololu daba eminyakeni embalwa eyedlule, njengobufakazi bokuthi useyishintshile inkulumo yakhe. 

 

Isiqephu sengxoxo kaPearl Thusi nelinye iphephandaba

Image: X

Kuqhubeka ingxoxo kaPearl Thusi

Image: X