Thapelo Masemola
Image: SITHUNYELWE
BASALE bebuzana imibuzo abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwe-video kaFata Thapelo Masemola abonakala kuyona ekhulekela utshwala.
Kule video, uMasemola ubonakala ezidlubhe zaphelela izevatho zebandla laseSheshi, phambi kwakhe kunezinhlobo ezahlukene zikabhiya. Abanye bebebuza ukuthi baphi abazalwane njengoba bekubonakala yena yedwa. Kepha ngasekugcineni kuzwakala kukhona abesifazane abenanele ngomkikizo ngemuva kokubusiswa kwezidlo ebeziphambi kwale nceku.
Emkhulekweni awenzile uFata Masemola uzwakala ewethula ethi: "Inkosi inani! Sihlangene ngamancoko amahle nangesipho sasemandulo sabantu, ubhiya."
Ngasekuqhubekeni komkhuleko, awuchaze ngokuthi owomgubho wosuku lukabhiya, ugcizelela ukuthi (ubhiya) uyondla, uvuselele abakhathele futhi uma uphuzwa ungeqisi, ukhuthaza ubudlelwano nenjabulo."
Ezinkundleni abanye bebethi bangakujabulela-ke bona ukukhonza kuleli bandla.
ULover uthe: ''Baphi kanti abazalwane?
UCharlotte uzwakale ecasuka njengoba ebhale ukuthi: "Le nto ayihlekisi nje ubuKristu abusiyo into yokudlala.''
U@emmy uthe: '' Siyakudinga ukuhambela izinkonzo zalolu hlobo.''
UThatelo ubhale ukuthi: "Ameni mfundisi wami!''
UHle uthe : ''Akusiyena umfundisi wethu lona.''
UMelz07 uthe : ''Ikhona le nto encwadini yomkhuleko mfundisi? UNqubeko uthe: ''Hawu Mfundisi,'' wase efaka uphawu lwabantu abakhalayo.
UBonokoane uthe: "UFata bekumele avele athi asiphuzeni.''
UNgangelizwe, ebabaza, uthe: "AmaSheshi notshwala.''
Thapelo Masemola
Image: sithunyelwe
Thapelo Masemola
Image: SITHUNYELWE
Kuthintwa inhloko yebandla lamaSheshi kwiDayosisi yaseNatal, uMbhishobhi Nkosinathi Ndwandwe, uthe akayibonanga i-video okukhulunywa ngayo. Uthe kodwa ibandla lamaSheshi libunjwe ngabantu abehlukene abenza izinto ngezindlela ezingefani.
Uqhube ngokuthi akukho eBhayibhelini lapho khona okuthiwa abantu mabangabuphuzi utshwala. Uthe inkinga enkulu ukuthi abantu bona babuphuza beqise bese lokho kugcine sekuholela ekutheni benze izinto ezingafanelekile.
"Awukho umbhalo othi abantu mabangabulokothi utshwala,'' usho kanjena.
Uthe nakubazalwane bebandla nakoFata, uye abatshele ukuthi uma kwenzeka bebusebenzisa abokwenza isiqiniseko sokuthi babusebenzisa ngabodwana.
"Inkinga iqala uma usuphuza ungasazihloniphi, usudlebeleka. Okunye futhi ngeke sivumele umuntu ukuba aqale ngokuphuza utshwala ngaphambi kokuba afike enkonzweni," usho kanjena.
Uthe kodwa uma esekhuluma njengomuntu nje ozimele ayikho inkinga ngotshwala kodwa inkinga ngabantu abahlulekayo ukubusebenzisa.
"Mina ngiye ngihlale nabantu abamhlophe, abayenzi le nto eyenziwa yithina. Abekho abantu abeqisayo otshwaleni njengathi,'' echaza.
Uthe yena ngokwakhe ukhuthaza ukuthi umuntu aphuzele ekhaya, lokho uthe kuyalekelela ekutheni azigcine ephephile. Akathandanga kakhulu ukuveza ukuthi ithini inqubomgomo yebandla laseSheshi mayelana nodaba lokuphuzwa kotshwala.
Related Topics: