UMNYANGO wezokuThutha ushicilele imithetho emisha elawula ukusebenza kwabezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile
Image: Sigciniwe
ABEMBONI yokuthutha umphakathi bakushayele ihlombe ukuqala kokusebenza kwemithetho elawula ukusebenza kwezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile.
Umthetho iNational Land Transport Amendment Act ufakwe ngoLwesihlanu kwi-gazette kahulumeni ukuthi uqale ukusebenza.
Phakathi kokushoyo wukuthi abakule mboni kumele babe namalayisensi okusebenza, izimoto zabo kumele zibe nemibhalo ecacile ukuthi zithutha abantu futhi kube nekheli nenombolo yomnikazi noma inkampani, kumele imoto ibe nebhathini lokufuna usizo ngokushesha uma umgibeli ezizwa engaphephile nokunye.
UMengameli weSouth African Meter Taxi & E-Hailing Association (Samtea), uMnuz Sizwe Mvubu, uthe bakushayela izandla ukuthi iPhalamende seligijime laze lafika kulesi sigaba.
“Sekube yisikhathi eside siyimboni sikhala ngezimoto ezingekho emthethweni kube nodlame ngoba bengasebenzi ngendlela. NjengeSamtea sikushayela ihlombe ukuthi sibe yingxenye yeziphakamiso kusuka ngo-2016. Okuningi okuvelayo yilokhu esakuphakamisa,” kusho uMvubu.
Uthe izikhalo zokuthi izimoto uma zibhaliwe zizoheha izigebengu azibambeki.
“Mina ngibe nama-meter taxi kusuka ngo-2005 futhi abhaliwe kodwa awazidonsi izigebengu. Abaningi bangakhala ngenxa yokuthi kukhona okuphambene abakwenzayo. Uma umuntu enza okuphambene ngeke akuthande ukuhamba ngemoto ebhaliwe. Le ebhaliwe iletha nebhizinisi ngoba umuntu usheshe ayibone,” kusho yena.
Uthe kusamele bahlangane bakhulume ngazwi linye ngemali okumele bayibize njengoba okwamanje yenza kungaphileki kubanikazi bebhizinisi.
Okhulumela iSouth African National Taxi Council (Santaco) kuzwelonke, uNkk Rebecca Phala, utshele leli phephandaba ukuthi bazizwa bekhululekile ngokuthi izikhalo zabo sezigcine zizwakele.
Ngenyanga edlule iSantaco ikhiphe isitatimende ikhala ngokubambezeleka ngokuqala kokusebenza komthetho.
“Sijabule ngokuthi ekugcineni uhulumeni usizwile. Kubuhlungu ukuthi bekumele kube nengxabano kuqala kodwa asifuni ukukhala ngoba sijabule,” kusho uPhala.
Uthe bakubheke ngabomvu ukusebenzisana okuhle njengabantu abasembonini yokuthutha.
“Sibheke kakhulu indaba yokuphepha. Siyajabula ngokuthi izimoto sizokwazi ukusheshe sizibone ngoba inkinga ebesihlangana nayo ngabantu abebethenga izimoto ezilayisha abagibeli abayisikhombisa bese beyasebenza. Bebazi ukuthi ngeke sibabone. Nendaba yamabhathini okufuna usizo izosebenza kakhulu.”
Uthe bayathemba ukuthi uhulumeni uzofaka ingqalasizinda ezokwenza ukuthi kusheshe ukuphuma kwezimvume zokusebenza ngoba wengeza umthamo kube kusenabazilindile.
Related Topics: