AMANYE amakhansela e-ANC abehambele umhlangano obubizwe yile nhlangano eGoli izolo
Image: ANC/X
SEBEBEKE ithemba emakhanseleni e-ANC ukuthi azobhukula asebenzele abantu ukuze kubuye isithunzi sale nhlangano emphakathini.
Leli khwelo lihlatshwe nguMengameli Cyril Ramaphosa, othe amakhansela awazithobe ahloniphe abantu, ayeke ukuzikhukhumeza.
Uthe uma kungukuthi awabhukuli, kusho ukuthi kumele bayivale thaqa inhlangano.
"Sidinga ukuthi nibhukule, nisebenzele abantu nikwenze lokhu ngokuzithoba. Ningazikhukhumezi ngoba uma ningakwenzi, kusho ukuthi kumele siqoqe okungokwethu, sivale siye emakhaya," kusho uRamaphosa.
Ukusho lokhu ekhuluma namakhansela ale nhlangano acela ku-6 000, abesemhlanganweni wokuwavuselela ukuthi asebenzele abantu eGoli izolo.
URamaphosa uthe kudingeka kubuyiswe ukwethenjwa kwale nhlangano kubantu.
"Akulungiswe zonke izinto ezincane ezidinga ukuthi nisukume.Izinto ezifana nokuvuza kwendle, namanzi yinto okumele niyisukumele. Uma kuvuza amanzi kwakho, uyasukuma ubike ukuze inkinga ixazululeke," usho kanje.
Uthe amakhansela kudingeka ahlale esemphakathini ukuze abantu bawathembe.
"Hlalani emphakathini lapho niphethe khona, ningathuthi niyohlala kwezinye izindawo. Uma ungahlali nomphakathi, bayakuchitha uma sekumele kuvotwe."
Uthe izidingo kumele zifinyelele emphakathini, kungakhethwa iphela emasini.
"Kumele niphume ningene umuzi nomuzi ukuze abantu banazi. Uma ufika kubantu ukhulume nabo kahle. Akumele uye kubantu ngoba sekuzoba nokhetho. Khohlwani wukhetho, lusekude kabi. Iyani kubantu ukuze nizazi izinkinga zabo."
Uncome omasipala abaphethwe amanye amaqembu wathi benza kahle.
"Kumele ngikusho la ukuthi kuyadumaza uma uMcwaningi Mabhuku Jikelele esekhipha umbiko ngomasipala eseveza ukuthi abaphethwe amanye amaqembu benza kahle. Ikakhulu abaphethwe yi-DA benza kahle uma uqhathanisa nabaphethwe yi-ANC. Iyani ukuyothekela ulwazi komasipala abaphethwe yi-DA, njengaseKapa, ukuthola ukuthi benza ngani ukuthi bahlale bethola imibiko emihle yokusebenza kwemali."
Ukhale nangokuthi kuyadumaza ukuthi umbiko wemali uyaphekwa komasipala nokuthi kusetshenziswa izinkampani ezizimele ukwenza le mibiko.
"Akuphele ukuphekwa kwemibiko yemali komasipala. Le mibiko ayenziwe abantu abaqashiwe."
Ubuye waveza nokuthi ngisho nangezinto ezincane komasipala kukhishwa amathenda.
"Akuyona yonke into okumele iyiswe kumathenda komasipala. Ezinye izinto omasipala bangakwazi ukuzenza."
Uthe la makhansela azobika njalo ezinyangeni ezintathu, kweziyisithupha kanjalo nangemuva konyaka ngomsebenzi awenzile.
"Uma ningidinga ukuthi ngize emiphakathini yenu ngizonimisa idolo, ngibizeni. Sizimisele ukufika lapho nikhona ukuze sizoneseka, abantu babuyelwe yithemba," kusho uRamaphosa.
Related Topics: