Izindaba

Kushile kwabakokotela iNSFAS

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, oxwayise abakokotela iNSFAS

Image: Siyabulela Duda

APHELILE amahlathi okucasha kwabakhwabanisela isikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo iNational Students' Financial Aid Scheme (NSFAS), besebenzisa imininingwane engamanga ngabazali babo njengoba bebabamba oqotsheni.

Lesi sexwayiso sikhishwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, oxwayise abenza lokhu ngokuthi mabagawule babheke ngoba basezithendeni zabo.

UManamela uthe ayaphela amahlathi okucasha kwabakokotela imininingwane behubhuza amanga bethi bashonelwa abazali.

"Bafaka isicelo bathi bashonelwa abazali kodwa uma sebethwala iziqu thushukiyane abazali. Abanye baqamba amanga bathi abazali abasebenzi, abanye bathi bahola imali engaphansi kwesikalo esibekiwe sokuxhaswa. Uma siphenya sithole okunye," usho kanje izolo ekhuluma esithangamini nabezindaba eGoli ngamalungiselelo angonyaka ozayo.

Uthe basebenzisana neminyango ehlukene ukubamba abasenga ezimithiyo.

"Sisebenza noMnyango wezaseKhaya okuyiwo osivezela ukuthi lowo mzali uyaphila. Sisebenza nophiko oluqoqa intela kuleli, okuyilo oluveza ukuthi umzali noma abazali balowo osuke efake isicelo bahola ngaphezu kwesikalo semali esibekiwe."

Uthe ukuze uxhaswe yiNSFAS, kumele abazali bahole u-R350 000 ngonyaka kuya phansi.

Labo abahola ngaphezu kwale mali kuze kufinyelele ku-R600 000, bona bafaka isicelo sokubolekwa imali yiNSFAS, ngaphansi kweqoqo elaziwa nge-missing middle.

Mayelana neziteleka eziphenduka insakavukela njalo uma kuqala unyaka ezikhungweni, uthe baphezu kwezinhlelo zokuqeda ngale nkinga.

"Iziteleka kumele kungaqali zona uma kukhona ukungaboni ngaso linye noma kunezinkinga. Kumele kube yinto yokugcina ngoba izitshudeni zinalo ilungelo lokuteleka kodwa lokho kumele zikwenze zilandele umthetho," usho kanje.

Uthe babumbe inkundla ezohlanganisa izinhlaka ezehlukene yokuzama ukuxazulula izinkinga ezibakhona.

"Le nkundla izobandakanya zonke izinhlaka, kusuka kwizitshudeni, izikhungo nabo bonke abathintekayo. Ngaleyo ndlela izinkinga zizoxazululwa zisuka amadaka. Le nkundla izokwenganyelwa yihhovisi lami ngokuhlanganyela nelikamqondisi jikelele. Asifuni kube nalezi zinkinga ezibakhona kutelekwe kuze kucekelwe phansi nempahla yesikhungo," kusho uManamela. 

Uthe uyazi ukuthi abanye abaphathi bamanyuvesi basezinhlelweni zokubeka amacala abaholi bama-SRC.

Usho kanje nje njalo uma kuneziteleka abaphathi bamanyuvesi bathola izincwadi zenkantolo zokuvimba ukuthi izitshudeni ziteleke, zicekele phansi nempahla yesikhungo.

UManamela umemezele ukuthi luvulwa namhlanje uhlelo lokufaka izicelo zangonyaka ozayo kwiNSFAS.

Lolu hlelo luzokwenganyelwa yiPhini likaNgqongqoshe uDkt Nomusa Dube-Ncube.