Izindaba

I-Cosatu nesexwayiso kwi-ANC neSACP

Mhlengi Shangase|Published

Zingiswa Losi

Image: Independent Newspapers

UKWEHLUKANA phakathi kwe-ANC neSACP akumele kudale uqhekeko kubasebenzi abakumfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu.

Lokhu kushiwo nguMengameli weCosatu, uNksz Zingiswa Losi, izolo evula umhlangano wezinsuku ezine weCosatu eGoli.

Uthe iCosatu ibhekele ilungelo labasebenzi.

"Ukuhlukana kwe-ANC neSACP akumele kuhlukanise phakathi abasebenzi. Thina simele abasebenzi," usho kanje.

Usho lokhu nje kunoqhekeko phakathi kwalawa madlelandawonye njengoba iSACP izongenela ukhetho ngokuzimela.

I-ANC ayeneme ngalesi sinyathelo njengoba le nhlangano ivele isenkingeni yokwehlelwa wukwesekwa okhethweni.

I-SACP ingenela ukhetho ngoba ingeneme ngezinto ezithile, okubalwa nendaba yokuthi ayikabhungwa eyokubuyekezwa kweyamadlelandawonye, okuyinto amaKhomanisi ayefuna ixoxwe.

Njengoba i-ANC yesekwa yiCosatu, kunemibuzo yokuthi ngabe lo mfelandawonye uzokweseka bani uma sekuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo.

Unxuse ukuthi amadlelandawonye abumbane ngalesi sikhathi esinzima.

UNksz Losi ubuye wakhuluma ngokudilizwa kwabasebenzi athe kuphuca abantu isinkwa.

"Uma kudilizwa umuntu, izingane ziyalamba ekhaya. Kuphela nethemba ngekusasa lezingane kwezithinta imfundo."

Ukhale ngezinga eliphezulu lokungasebenzi kwabantu kuleli ikakhulu intsha.

"Liyakhula izinga lokungalingani kuleli, ubugebengu budla lubi kanjalo nenkohlakalo. Omasipala bahluleka ukuhambisa izidingo emphakathini."

Ukhale nangokugcwala kwezikole zakuleli nezikweletu ezibhekene nezitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Uhlabe ikhwelo kubasebenzi ukuthi babhukule bangahlali nje izinto zibe zonakala.

"Ubumbano yilona olwenza ukuthi sikwazi ukunqoba impi. Uma sibambene singakwazi ukulwa nokuxhashazwa nokudilizwa kwabasebenzi."

Lo mhlangano uzobhunga ngezinto ezehlukene okubalwa nengqungquthela yokukhetha ubuholi obusha ezoba ngoSepthemba ngonyaka ozayo.

Abaholi abahlukene okubalwa uNobhala jikelele weSACP uMnuz Solly Mapaila bazokwethula inkulumo kulo mhlangano ohlanganisa abaholi ababalelwa ku-400, abavela ezinyunyaneni ezingaphansi kwalo mfelandawonye.