Izindaba

Besaba ulaka lwabaphansi abesilisa ngokusebenzisa izibongo zabesifazane

Nkosikhona Cele|Published

UMNUZ Eric Dlamini okuchithayo ukuthi abantu besilisa bangasebenzisa izibongo zabesifazane

Image: SITHUNYELWE

BABHOKA bayakhahlela abesilisa bathi lutho eluthela inkomo ingazala umuntu abasoze basebenzisa izibongo zabesifazane abathandana nabo. Lokhu bathi kuyefana nje ncamashi nokuthi bayobe benyundela okhokho futhi bathi bakholwa wukuthi bangathola noswazi olunzima oluvela kwabaphansi uma bengawela kulolu gibe.

UMNUZ Zwelakhe Thabethe naye okuphikisayo ukuthi amadoda angasebenzisa izibongo zabesifazane abathandana nabo

Image: SITHUNYELWE

Lokhu bakusho emva kokuba kuphume isinqumo sokuthi abesilisa sebengakwazi ukuthi bakwenze lokhu. UMnuz Philani Baleni wase-Eastern Cape uthe uyaphikisana nalesi sinqumo futhi akaqondi ukuthi simayelana nani.

Ukhale kakhulu ngokuthi le nto izosiqeda isithunzi sabantu besilisa.''Mina nje angisoze ngalenza iphutha lokuthi ngivume into enjengaleyo. Ubaba ongizalayo yena angathini esezwa ukuthi sengizosebenzisa isibongo somuntu wesifazane,'' usho kanjena.

UMNUZ Philani Baleni okuchaza njengehlaya ukuthi amadoda angasebenzisa izibongo zabantu besifazene abathandana nabo

Image: SITHUNYELWE

UMnuz Eric Dlamini ozinze eThekwini kodwa ongowaseFree State ngokudabuka uthe bazophendukelwa ngabaphansi ngaleli phutha elikhulu kangaka.''Kuyacaca abaphansi bazosijezisa uma siqhubeka kanjena. Ngeke ngimangale uma kungathiwa lowo muntu wesilisa owenze lo msangano usethole uswazi olunzima oluvela kwabaphansi,'' kuchaza yena.

Eqhuba uthe kusho ukuthi ngeke sisaba khona isidingo sokuthi abantu besilisa bayolobola. Uthe akuyenzi ingqondo ukuthi umuntu wesilisa angafike alobole bese futhi esebenzisa isibongo somuntu wesifazane."Impela le nto isiqhatha nokhokho bethu phela manje sesiqhamuka nento abangayazi nje nhlobo. Konakele uma singanakile kuningi okusazokonakala,'' kusho yena.

UMnuz Thabani Gwala ongowaseMzinto ngokudabuka uthe namanje akakakholwa ukuthi into enjengalena isivunyelwe. Ukhale kakhulu ngokuthi lokhu kuyashayisana namasiko abantu. ''Yiliphi leli siko elizovumela umuntu wesilisa ukuba enze into enjengelena. Lena izodala umonakalo omkhulu emindenini yethu,'' kuchaza yena.

UMnuz Zwelakhe Thabethe waseMlaza uthe umuntu wesilisa uyena oyinhloko yekhaya. Wathi lokho uNkulunkulu wakwenza ngenhloso wathi kusho ukuphambana kwezinkomishi ke uma umuntu wesilisa sekukhulunywa eyokuthi uyena osesebenzisa isibongo somuntu wesifazane. Eqhuba ubuze ukuthi izingane ezizotholwa kulobo budlelwano ziyobiza siphi isibongo.

Ubuze ukuthi lokhu ngabe akusho yini ukushabalala kwezibongo zamadoda azakha kanzima kangaka?.''Ngamanye amagama kuthiwa makwandiswe izibongo zabesifazane bese ezemindeni yethu kuphela kanjalo ngazo. Ayi impela lafa elihle kakhulu asikaze sicabange ukuthi ngelinye ilanga kungenzeka into enjengalena,'' usho kanjena.

UMnuz Zakhele Makhathini ozinze eThekwini kodwa odabuka KwaMaphumulo uthe lubi ulaka oluzogubuzela amadoda oluzovela emedlozini ngalesi sinqumo.

USolwazi VVO Mkhize uthe kuyabonakala ukuthi laba abakhiphe lesi sinqumo esiphikisanayo nomthethosisekelo wezwe laseNingizimu Afrika kabaqondi kahle ngamasiko abantu abaMnyama base-Afrika.

Uthe umuntu wesifazane usuke esebenzisa isibongo somuntu wesilisa ngoba usuke efike kulelo khaya waba yizinto ezinhlanu okuyisibiliso, yimpande, yiziko, yikhaya aphinde ebe ukhamba.

''Indoda ikuphi lapho ezobe igane khona uma yona seyithatha isibongo somuntu wesifazane,'' ,'' kubuza uSolwazi VVO  uMkhize