Izindaba

URamaphosa ufuna iye ezikoleni eyengxoxo ngezwe

Mhlengi Shangase|Published

Umengameli Cyril Ramaphosa

Image: Jairus Mmutle / GCIS

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ufuna isithangami ngesimo sezwe sihambe size sifinyelele nasezikoleni zaseNingizimu Afrika.

Ufuna abafundi ukuthi bahlale phansi baxoxe ngesimo sezwe, izinto abafuna zenzeke ezweni  kanjalo nemfundo abayifunayo

"Ngizophakamisa ethimbeni elihlela ingxoxo ngesimo sezwe ukuthi ezikoleni, kube nesikhathi nje esizobekwa eceleni, abafundi baxoxe ngezinto ezibathintayo ezweni. Ngifuna baxoxe ngesimo sezemfundo nezinto abafuna ukuzibona zenzeka ezweni," usho kanje.

Ephendula imibuzo ePhalamende izolo, uthe washaya amakhala ngesikhathi ebona imali eyayizosebenza kule ngxoxo.

"Ngathi akukwazi ukuthi kungasebenza imali ebalelwa ku-R700 million engxoxweni ngezwe. Abantu babekhala ngokuthi imali izokhwabaniswa, yehliswe ngomlenze kule ngxoxo, sabaqinisekisa ukuthi sizoyiqapha ngelokhozi ukuthi isebenza ngendlela," usho kanje.

Uthe ngeke baphoqe muntu ukuthi abe yingxenye yengxoxo ngesimo sezwe ngoba ngisho ihhashi noma ungaliyisa emfuleni, ngeke uliphoqe ukuthi liphuze amanzi.,

Odabeni oluthinta ukwehliswa kwesibalo songqongqoshe kwiKhabhinethi, uthe amaqembu abambisene kuhulumeni avumelana ukuthi ibambe ngakho ngesibalo sabo njengoba wonke amaqembu amelelekile.

Kunesikhalo ngokuthi igcwele iyachichima iKhabhinethi njengoba emaningi amaphini ongqongqoshe ekubeni ngabe sehliswa isibalo sawo.

"Muhle umsebenzi owenziwa amaphini ongqongqoshe, ababambisene nongqongqoshe. Nami ngikhathazekile ngesibalo sabakwiKhabhinethi kodwa inkinga ukuthi wonke amaqembu kumele amemeleke. Ngokwami bengifisa ukuthi sehle isibalo kodwa akhona amaphini enza umsebenzi oncomekayo kuhulumeni," usho kanje.

Uveze nokuthi bayaxoxa nezwe laseMelika, odabeni oluthinta ukuhwebelana kwalawa mazwe.

"Siyaqhubeka nezingxoxo ngezohwebo neMelika ngoba yizwe esibambisene nalo kakhulu. Maduzane sizomemezela inxusa elizobe lizinze eMelika njengoba ngithola iziphakamiso eziningi ngabantu okumele ngibajubele kulesi sikhundla."

Uzwakalise ukudumala ngokuhamba kancane kokubunjwa komkhandlu ozobhekela udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

"Iyangikhathaza ukuthi namanje lo mkhandlu awukabunjwa ukulwa nalesi sihlava esihlasele izwe. Indaba yodlame olubhekiswe kwabesifazane yinto okumele siyinqobe."