Umengameli we-ANC Youth League uCollen Malatji
Image: Facebook/ANC Northern Cape
UMENGAMELI woPhiko lwentsha lwe-ANC, uMnuz Collen Malatji, uthe uma amalungu ale nhlangano eqhubeka nokuhuqa ubuthongo, kuzoba ngumlando ukuthi kwake kwabakhona le nhlangano eyakhulula abantu kuleli.
UMalatji uthe amaqembu i-ANC ebambisene nawo kuhulumeni, afuna ukuqeda ngayo.
"Utshani obulele buvuswa ngomlilo, uma siqhubeka nokulala siyophaphama sekuwumlando ukuthi kwake kwaba nenhlangano eyaziwa nge-ANC kuleli, eyakhulula abantu. Amaqembu ezombusazwe okuyiMK ne-EFF, ahlose ukuqeda nge-ANC. Kanjalo namaqembu afana ne-DA, asebenza le nhlangano ngaphakathi afuna ukuqeda ngoKhongolose," kusho uMalatji, ekhuluma kwiNational General Council yalolu phiko eKimberley. Lo mhlangano usongwa ngoMgqibelo ngekhonsathi yomculo, okuzobe kunandisa kuyona abaculi abahlukene.
Uhlabe ikhwelo lokuthi kumele intsha isukume ivikele uKhongolose.
"Intsha ibhekene nezinselelo eziningi okubalwa ukungasebenzi. I-ANC inenkinga yokuthi ayisakwazi ukuzihlanganisa nentsha. Intsha iyaqhela kule nhlangano," usho kanje.
Ukhale ngabaholi abaphezulu bale nhlangano okubalwa izimeya, ongqongqoshe namaphini, abayisa izingane zabo ezikoleni ezizimele.
"Kumele iCosas iqale umkhankaso wokuthi bonke abaholi be-ANC, nabajutshwe kuhulumeni ukuthi baveze lapho befundisa khona izingane zabo. Awukwazi ukuthi ungakhuluma ngemfundo kahulumeni ekubeni izingane zakho ozithanda kakhulu uziyisa ezikoleni ezizimele"
Uthe bafuna kusulwe zonke izikweletu zezitshudeni ezigcina sezenza ukuthi zingakwazi ukuthola umsebenzi.
"Sifuna izitshudeni ezikweletayo zingafakwa kwi-credit bureau. Sifuna izitshudeni zikwazi ukufunda zisebenzisa ubuchwepheshe zingaze ziye ezikhungweni. Sifuna amakolishi amakhono angabi yindawo okulahlwa kuyona abasuke behlulwe wukungena emanyuvesi."
Uthe bafuna indaba yokungasebenzi kwabantu ithathwe njengento ephuthumayo okumele isukunyelwe ngokushesha.
Uveze nokuthi abafuni ukuthi kube nabantu bokufika abanama-spaza shops.
"Akukwazi ukuthi umuntu waseSomalia afike la adayise isinkwa, ekubeni abantu bakuleli bengasidayisa. Sifuna amanye amabhizinisi abekelwe abantu bakuleli kuphela hhayi abakwamanye amazwe," usho kanje.
Uthe bafuna behambile bonke abakuleli ngokungemthetho.
Related Topics: