Izindaba

Ubulawe wumphakathi umshana obulale umalume ngesihluku

Nkosikhona Cele|Published

OFAKE izingubo ezimnyama nesikibha esimhlophe yiMeya yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, ngesikhathi ihambele umndeni wakwaMthethwa lapho okugcine kuphuma khona izidumbu ezimbili

Image: SITHUNYELWE

KUYINDABA egudwini emphakathini waseMakhwezini, KwesakwaMthethwa okwenziwe wumshana okuthiwa uvuke umbhejazane wanquma umalume wakhe uqhoqhoqho waze wamkhipha namathumbu esiswini.

Ngokuthola kweSolezwe owesilisa uvuke umbhejazane ngeSonto ntambama ephethe ummese esho ukumudla amfele umufi ongumalume wakhe, uMnuz Siphosakhe Mthethwa. Kuvela ukuthi akuqondakali ukuthi umnyombo walesi sigameko ubuyini.

Isihlobo, uNksz Phindile Mthethwa, siveze ukuthi basathuthumela namanje ngento eyenziwe wumshana, uMnuz Siyanda Mthethwa.

Uthe umshana naye ogcine ebulawa wumphakathi izolo, uqale ukudloba kakhulu ngoMgqibelo ekhiphela yena ummese engazi ukuthi babangani.

"Ngimbuzile ukuthi kwenzekani wangasho lutho kodwa efuna ukungigwaza,'' kuchaza yena.

Eqhuba uthe kungenelele umalume omdala uMaqhude naye umshana washo ukumqeda ngommese.

"Sibe sesicela usizo komakhelwane samthatha umshana samkhiphela ngaphandle kwegceke akazange alale ekhaya," kuchaza uPhindile.

Uthe kodwa ubuyile ekuseni ngakusasa wangena ngopotsho waqonda ngqo endlini kamufi okuyilapho efike wamnquma uqhoqhoqho wamkhipha namathumbu.

"Ibuhlungu kabi le nto eyenziwe yile ngane. Namanje siyazibuza siyaziphendula ukuthi ngempela bekonakelephi ukuthi ibingaze yenze into ebuhlungu kangaka," kuchaza yena.

Uveze ukuthi umshana uvuka indlobane nje bekungakapholi maseko ebuyile eBhukhanana ezohlala kuleli khaya.

"Nakhona eBhukhanana sithole ukuthi kukhona umuntu ayembulele," kusho yena.

Ngesikhathi Isolezwe likhuluma nelungu lomndeni bekunomsindo umphakathi ukhona egcekeni njengoba kuthiwa ushaye umsolwa kwasala umndondo.

"Nangu umshana naye la phansi udindilizile ugcine eshonile," usho kanjena.

Uqhubekile wathi akakukholwa lokhu akubona ngamehlo kwenzeka amagcekeni akoMthethwa ungathi kuzothiwa ulele makavuke bese eyaphaphama.

Isolezwe lihabule ngomthombo walo ukuthi umshana ngosuku akhiphe ngalo isidumbu ubecasuke kakhulu.

IMeya yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, ihambele lo mndeni.

UBhengu uzwakalise okukhulu ukudumala ngalesi sigameko. Uthe okubuhlungu kakhulu wukuthi senzeka kungakapholi maseko uNdunankulu waKwaZulu Natal, uMnuz Thami Ntuli, ebize imbizo yokukhuza ubugebengu kule ndawo.