INDAWO yesigameko lapho abaphoyisa edubule khona abulala abasolwa abahlanu
Image: SITHUNYELWE
BATHELWE othulwini abasolwa abayisihlanu izolo, okuyintsha esencane, ngesikhathi kukhona ukudubulana phakathi kwabo namaphoyisa emijondolo yasePump House, eChatsworth, eThekwini.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, lesi sigameko senzeke ezintatha ngesikhathi amaphoyisa ememezela ukuthi asethelekile.
“Amaphoyisa ahlanganise umkhondo ngokuthi abasolwa ebebefunelwa amacala okukhona kuwo awokubulala, awokugqekeza, awokufuna imali yokuvikela nokutholwa nezibhamu ezingekho emthethweni bakuphi. Lawa macala kuthiwa bebewenza ezindaweni okukhona kuzo ilokishi iMpumalanga, Mariannhill, KwaNdengezi naseMsunduzi.
INDAWO yesigameko lapho abaphoyisa edubule khona abulala abasolwa abahlanu
Image: SITHUNYELWE
AMAPHOYISA ethutha izidumbu emva kokusala kwabahlanu enkundleni emva kokududulana namaphoyisa Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ INDEPENDENT NEWSPAPERS
Image: DOCTOR NGCOBO/ INDEPENDENT NEWSPAPERS
Uthe umkhondo wamaphoyisa uwaholele kule ndawo ebebebhace kuyo, kwathi ngesikhathi amaphoyisa esho ukuthi asefikile, abasolwa baqala bavulela ngemvula yezinhlamvu, bebhekise emaphoyiseni.
“Namaphoyisa avele abuyisela ngayo inhlamvu, kwafa abayisihlanu. Alikho iphoyisa elilimele kulesi siwombe,” kusho uNetshiunda.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa esesesha indawo yesigameko, athole uqhwasha owodwa, wathi abasolwa baneminyaka ephakathi kuka-17 no-25.
KUGCINE sekunakwa owesifazane (okusolwa ukuthi uhlobene nabafi) obengesemuhle emva kokuba amaphoyisa ethele othulini abahlanu emijondolo yasePump House ngaseChatsworth Isithombe: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers
Image: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers
Related Topics: