Izindaba

Kukhalwa ngentsha ezishaya saWest eyinkathazo eMolweni

Zimbili Vilakazi|Published

UMPHAKATHI waseMolweni uhleli lubhojozi ngenxa yentsha ewuhlupho endaweni

Image: File picture

UKHALA ngokuhlaliswa lubhojozi yizigebengu ezibamba inkunzi zihlomile umphakathi waseLower Molweni, eHillcrest, eThekwini. 

Lokhu kuqinisekiswe yikhansela lendawo, uMnuz Siyabonga Nala, ngesikhathi lithintwa yiSolezwe izolo.

Lithe sekungamasonto ambalwa umphakathi uhlaliswe ngesinqe esisolwa yilezi zigilamkhuba.

“Zigasela emizini yabantu zihlome ngezibhamu, zibakhombe, zithathe konke ezikufunayo, bese zishaya zichithe,” kusho uNala.

Uthe phakathi kempahla ethathwa ngabasolwa kuye kube amaselula, amathelevishini nenye impahla kagesi eziyibone zayithanda. 

UNala uthe okubi ukuthi kokunye zibuye zisebenzise indlakadla njengoba kukhona izigameko lapho ezidubula khona ngempela kugcine kufa abantu.

Uthe esigamekweni esenzeke ngoLwesine, izigilamkhuba zingene emizini emithathu ngobusuku obubodwa. 

“Kowokuqala zibakhombe, zabaphuca imoto yakhona, zalayisha kuyo yonke impahla ebeziyidinga. Ziqhubeke zasebenzisa yona ukulayisha nangesikhathi sezingena nakule eminye imizi emibili,” usho kanje.

Uthe namanje leyo moto ayikaze itholakale.

Uthe emva kwaleso sigameko, ubize umhlangano ophuthumayo emphakathini, nokuyilapho okuvele khona ukuthi abasolwa bayaziwa.

“Yakhonjwa imizi lapho bezalwa khona, nabazali babo bekhona. Baze baphakama, bazihlangula bathi basuke bengabathumanga. Baphinde bacela ukuthi uma kwenzeka kuba khona umphakathi ohlela ukukwenza kubasolwa, uqinisekise ukuthi ubamba abantu okuyibona bona,” usho kanje.

Uthe sikhona isigameko esenzeke emasontweni amathathu edlule, lapho umphakathi ushaye khona wabulala umsolwa oyedwa osafunda isikole.

Uthe kuyabakhathaza kakhulu ukuthi lobu bugebengu benziwa yintsha eneminyaka ebalelwa ku-20.

“Wambamba eMgababa (khona eLower Molweni). Wathi esathi uyokhomba ozakwabo, umphakathi wenganywa ukudinwa, wamshaya, wambulala,” usho kanje. 

Uthe ukhona omunye umhlangano ozobizwa ngoSepthemba 15, lapho umphakathi uzodingida ngokuthi yini engenziwa ukulwa nobugebengu.

Kwenzeka lokhu nje, isimo sisadambile eNanda, lapho bekuhlupha khona imigulukudu esemincane edume ngeleWest. ENanda kuke kwashuba, umphakathi ubhikisha emva kokuboshwa kwabebenukwa ngokubulala ababesolwa ngobugebengu abatholwa beshonile enkundleni yezemidlalo endaweni. Ngaphezu kwalokho, kunenqwaba yabantu ababulelwe okubalwa namaphoyisa okusolwa kukho injejane yeWest. 

NaseMolweni kuthiwa injejane yakhona ehlalise lubhojozi izishaya saWest futhi sekunesikhathi ihlupha.