Izindaba

Abameli bakaSiya Mhlongo baphonsela inselelo ubufakazi 'obuntekenteke'

Nkosikhona Cele|Published

OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uSiya Mhlongo

Image: Facebook/Siya Mhlongo

ABAMELI baloyo obesakazela uKhozi FM, uSiyabonga Mhlongo (42), sebefake isicelo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, sokuba kubuyekezwe ubufakazi obethulwa ummangali njengoba bekhala ngokuthi buntekenteke futhi buyashayisana. Lokhu kuvele izolo, ngesikhathi uSiya evele kuyona le nkantolo.

Lo msakazi ongaphandle ngesexwayiso ubhekene necala lokushaya alimaze kabi uMnuz Njabulo Duma (29) okuthiwa wayeyisinqandamathe sakhe. Lesi sigameko kuthiwa senzeka eThekwini ebusuku, bango-Agasti 31, 2024.

Abameli bakaSiya okunguMnuz Sikhumbuzo Mathabela obuye abe ngumfundisi odumile eThekwini no-Advocate Simphiwe Mlotshwa, benze izethulo izolo, behlaba behlikiza ubufakazi bukaDuma. Baveze ukuthi kunamaphuzu ebufakazini bommangali ababona kahle nje ukuthi awanasisekelo.

Bakhale ngokuthi kukhona lapho ummangali owathi khona akazange ambone uSiya emjikijela ngebhodlela ngoba wayesabheke phansi wezwa ngalo selimshaya. Bathi kuyona le nkantolo waphinde wathi wambona uSiya emjikijela ngebhodlela.

Okunye abakhala ngakho abameli bakammangalelwa ukuthi kungani inkantolo ithembe ubufakazi obethulwa umuntu okwenzeka isigameko ekhothile. Bakhala ngokuthi lobu ubufakazi okungelula ukuthi kungamiwa ngonyawo olulodwa kuthiwa ngempela buyiqiniso. Bakhale nangokuthi ummangali wathi waklinywa ekubeni udokotela owamhlola wafika enkantolo wathi zazingekho izimpawu zokuthi ngampela waklinywa.

Abameli bakaSiya bakhala ngokuba ntekenteke kobufakazi nje, phambilini uDkt Thalente Ngcobo wasesibhedlela i-Addington, watshela inkantolo ukuthi wahlola ummangali ngezithuba zabo-11 busuku, okuyinto uMlotshwa ayiphikisayo, wathi wayengakalimali ngaleso sikhathi ummangali.

Omele uMbuso, uMnuz Ntshalintshali, uthe uyaphikisana nesicelo esifakwa abameli bakaSiya. Uthe akakholwa ukuthi kumele inkantolo ilalele udaba lokuthi ummangali kwakungelula ukuba akhumbule konke ngoba wayekade ephuzile ngesikhathi sesigameko.

UDkt Ngcobo wakuveza kuthi wakuqaphela ukuthi udle amanzi amponjwana ummangali. Watshela nenkantolo ukuthi wayekade enezimpawu zokulimala esiphongweni ngezansi kweso elilodwa kanjalo nangezansi kwekhala. Waveza nokuthi wagxila ebusweni kuphela waziyeka ezinye izingxenye zomzimba ngoba wayebona elimele ebusweni kuphela. Ngesikhathi kuqhubeka icala, uSiya ubebuye aqhwebe uMathabela kube khona amhlebela khona.

USiya njengenjwayelo ufike enkantolo eswenkile efake isudi, ephelezelwa ngowesifazane obefake izingubo ezimnyama. Kuzokhumbuleka ukuthi uSiya uyena owazicelela ukuba Ukhozi lummise kancane nokwagcina sekuholela ekutheni angabe esabuyiswa uma sekwenziwa izinguquko zango-Ephreli.

Imantshi, uMnuz Mhlonipheni Sibiya, icala ilihlehliselw uSepthemba 17 lapho inkantolo izokhipha khona isinqumo sokuthi buyahoxiswa yini ubufakazi obethulwe ummangali.