UDEDELWE ngebheyili uthishanhloko, uMnuz Khayelihle Dhlomo, osolwa ngokugwaza abulale unkosikazi ngoSepthemba, 2022
Image: ZIMBILI VILAKAZI
KUQHUME esikhulu isililo, abanye bademelayisa, ngesikhathi abanye beqanganisa, iNkantolo yeMantshi yaseThekwini imdedela ngebheyili uthishanhloko osolwa ngokubulala ngesihluku umkakhe izolo.
UMnuz Khayelihle Dhlomo (53) onguthishanhloko esikoleni iSithembile Primary, eLindelani, eThekwini, udedelwe ngebheyili ka-R5 000 enemibandela edle ngokuqina.
Usolwa ngecala lokugwaza abulale umkakhe, uNkk Khanyisile Dhlomo, emzini wabo oseMalvern, eThekwini, ngoSepthemba 2022.
Emva kwesigameko, umsolwa watshela umndeni, izihlobo namaphoyisa ukuthi umufi uzibulale yena ngenxa yokuhlushwa ukhwantalala.
Ngaleso sizathu akazange aboshwe, nokho ezinye izihlobo, ezashaya amakhala ngokufa kukaNkk Dhlomo, zazilokhu zilulandelela udaba emaphoyiseni, zidweba isithombe sokuthi akukwazi ukuthi wazibulala.
Lokhu kuholele ekutheni idokodo ligcine lithathwa abaphenyi bophiko lweThekwini District Task Team ngoMashi, nonyaka, maqede zamkhalela uDhlomo ngoJulayi nonyaka.
Ngesikhathi imantshi uMnuz Scelo Zuma iqeda kusho ukuthi inkantolo imdedela ngebheyili umsolwa, umfowabo kamufi, uMnuz Mduduzi Malinga, akabange esalinda nokuzwa ukuthi ithini imibandela, usukume waphuma ngomnyango.
Lokhu kube sekulandelwa yisililo kwabanye ebebehleli emabhentshini, nabo besukuma behamba.
“Ayi uMthetho shame!” kusho omunye wesifazane, ngesikhathi abanye bedemelayisa. Kuphoqe ukuthi amaphoyisa ake athi ukumbuyisela emgodini umsolwa, ezama ukulawula isimo.
Ngaphandle kwenkantolo, kuqhubekile ukukhala ezihlotsheni, kukhona nezisonga ngokuthi: “Kodwa ukhona uNkulunkulu.”
UMalinga (umfowabo kamufi) ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo, uthe okwenzekile kukhomba ukuthi ukuhlukunyezwa kwabesifazane kusaqhubeka.
“Sekwenziwa ngisho yizimantshi imbala. Umdedela kanjani umuntu obulele umuntu? Noma sekushiwo ukuthi ofakazi izingane zakhe ahlala nazo endlini, futhi ziyamsaba?” kubuza uMalinga.
Usole imantshi ngokungahambisi kahle izinto nokushaya indiva amanye amaqiniso avele enkantolo.
“Izingane zakhe zingofakazi ecaleni. Umndeni awuphephile. Izingane zizoba sengozini, ecisha ubufakazi,” kukhala uMalinga.
Uhumushe okuhlaluke enkantolo ngokuthi ibeke phambili amaphuzu abekwe ummeli kamsolwa ukuthi kume nse ukusebenza kwesikole kusukela aboshwa ngoJulayi 13, 2025.
“Izinhliziyo zethu zibuhlungu kakhulu ukubona ukuthi amalungelo abantu besifazane acindezeleka kangakanani eNingizimu Afrika,” kusho uMalinga, othe inkantolo njengoba idedele umsolwa, isho ukuthi akeze kubona.
Uthe akukho abazokwenza ngoba eNingizimu Afrika umthetho weseka abenzi bobubi bese wenzela phansi abagilwa.
Ngaphakathi enkantolo ngesikhathi uZuma emnika ibheyili, umsolwa uthe phakathi kokunye, kuzofanele ayohlala ekhelini lesibili, angaxhumani nofakazi.
Icala lihlehlele u-Okthoba 15, nonyaka.
Related Topics: