Izindaba

Bakhathazekile ngabafundi abaneminyaka emine okusahlwile kubona

Mhlengi Shangase|Published

SIVIWE Gwarube

Image: Basic Education Department / X

UKHATHAZEKILE uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ngokuthi abafundi abaningi abaneminyaka emine, kusuke kusahlwile njengoba bengeke bakwazi ukumelana nabazokufunda.

Lokhu kuvele embikweni wocwaningo olwethulwe izolo olwaziwa nge-Thrive by 5, olwenziwe nyakenye kubafundi ababalelwa ku-5 000, abaneminyaka emine.

Umbiko uveze ukuthi u-42% kuphela wabafundi okuvele ukuthi bakulungele ukuqala ukufunda. Abanye kuthiwa abakwazi nokulandela imiyalelo abasuke benikwe yona. 

"Sikhathazekile ngoba lokhu kusho ukuthi kumele siqinise kakhulu emazingeni aphansi ngoba bambalwa abafundi abasuke bezokwazi ukumelana nabazokufunda. Lezi zibalo zikhomba ukuthi kumele siqinise kakhulu kuGrade R uma sebeneminyaka emihlanu ngoba kuyacaca ukuthi uma singaqinisi kuwona kuzoba yinkinga kakhulu uma sebeya kuGrade 1," usho kanje ekhuluma ngemuva kokwethulwa kombiko eSandton.

Uthe imali etshalwe kuGrade R, ebalelwa ku-R10 billion, ngeke isize ngalutho uma bengalungisi isisekelo semfundo.

"Yingakho sinxusa abazali ukuthi bazifundele incwadi izingane zabo. Ingane ayibe nencwadi ukuze kube lula, abazali babambe iqhaza emfundweni yezingane zabo."

Uthe abanye bahlale bembelesela ngokuthi kumele kuqiniswe ku-matric, wathi lokhu akusizi uma kungukuthi isisekelo asiqinile.

"Uma isisekelo sintenga, kuyacaca ukuthi kwamanye amabanga uma sebeqhubeka nemfundo kuzoba nzima kakhulu. Kubalulekile ukuthi baphuthunywe besakhula, ukuze kuthi uma sebefika emazingeni aphezulu bafike sebelungile." 

Uthe imiphumela ka-matric akuyona okumele kugxilwe kuyona njengoba kuyiyona izwe elisuke liyibheke ngabomvu.

"Siyazi ukuthi kugadwa kuphela imiphumela ka-matric ekubeni ngabe siqinisa phansi. Akumele sizikhathaze kakhulu ngokuthi umfundi wenza i-Maths noma akayenzi ekubeni kubheda izinto phansi."

Umbiko uveze nokuthi izingane zabafana yizona ezisilele emuva kakhulu ezidinga ukwesekwa.

"Iyangikhathaza neyokuthi izingane zabafana zidonsa kanzima zidinga usizo oluphuthumayo. Lokhu kusho ukuthi akumele sibashiye ngaphandle abafana kuzona zonke izinhlelo esizenzayo,"  kugcizelela uNksz Gwarube.

Uthe kudingeka kube nokubambisana nezinhlaka ezehlukene ngoba ngeke bakwazi ukukwenza bebodwa lokhu.

Okunye okuvelile ngukuthi kwezinye izifundazwe abafundisa amazinga aphansi ikakhulu uGrade R abakhokhelwa ngendlela efanele.

KwaZulu-Natal izinyunyana zothisha zihlale zikhala ngokuthi abafundisa uGrade R, abaholelwa ngendlela futhi uMnyango wezeMfundo ubuye ungabanyuseli ngesikhathi umholo.