UNKK Thengaliphi Nxumalo waseNgwavuma, owashaywa yisiguli ngoNovemba 23, 2018, esibhedlela engumhlengikazi
Image: SITHUNYELWE
UKHALA ngobulungiswa eMnyangweni wezeMpilo umndeni womhlengikazi osephila nokukhubazeka kulandela isigameko sokushaywa yisiguli ngo-2018.
UNkk Thengaliphi Nxumalo (65) waseSihlangwini, eNgwavuma, kuthiwa washaywa yisiguli ngoNovemba 23, 2018, esemsebenzini.
Indodakazi yakhe, uNkk Nokwazi Modise, ithe emva kwaleso sehlakalo unina wathikamezeka kakhulu emqondweni, uma ekhuluma uphambanisa izinto.
“Akakwazi ukuhamba. Uyazingcolisa njengoba kwathikamezeka imithambo yokuzizwa uma sekufanele aye endlini encane,” kusho uNkk Modise.
Elandisa ngesehlakalo, uthe senzeka unina esanda kungena emsebenzini njengoba ayengumhlengikazi esibhedlela.
Uthe isiguli esamshaya kwakuwumuntu owayengeniswe esibhedlela eshaywe kanzima wumphakathi.
“Asazi ukuthi wamshaya ngani ngoba kuze kube inamuhla isibhedlela asikaze sisinike izimpendulo zokuthi sikhali sini umama alinyazwa ngaso,” usho kanje.
Uthe mva kokwenzeka kwesigameko, isibhedlela safonela osondelene nomndeni, samtshela ukuthi unina ungeniswe egumbuni labagula kakhulu esibhedlela kulandela ukuhlaselwa yisiguli.
“Sathola ukuthi wamshaya ngemuva esiphundu, elibele ukubhala okuthile. Kuthiwa waquleka khona lapho,” kuchaza uNkk Modise.
Uthe ngakusasa, isibhedlela sabona ukuthi isimo sibi, sabiza ibhanoyi, waphuthunyiswa esibhedlela saseNgwelezane.
“Kusona wahlala izinsuku ezimbala, waphinde wathathwa yibhanoyi, waphuthunyiswa esibhedlela Inkosi Albert Luthuli, lapho ahlala khona izinyanga ezimbili egunjini labagula kakhulu,” kulandisa uNkk Modise.
Uthe esegundiwe unina esibhedlela, baqaphela ukuthi wayenenkebenkebe yenxeba elivulekile ekhanda.
Uthe emhlanganweni ababa nawo nesibhedlela, sathembisa ukuthi uzonxeshezelwa ngesigameko ukuze kunakekeleke zonke izidingo zakhe ezidalwa ukuguquka kwempilo.
“Siwagcwalisile amaphepha, saletha nemibiko yasezibhedlela kaningi, bathembise ukuthi udaba lwesinxephezelo luyasetshenzwa kodwa kuphinde kuthule,” isho kanje indodakazi.
Uthe bebona kuhamba iminyaka kungekho mnyakazo, bede behamba bayobuza esibhedlela naseMnyangweni wezabaSebenzi, babuye bedangele.
“Kokunye besitshelwa ukuthi kubambe umbiko othile wesinye sezibhedlela ebezimelapha, basiyalele ukuthi siwulande. Sithi uma sesiwulandile, kuphinde kuthuleke,” kusho uNkk Modise.
Uthe noma ngabe bekunezihibe kodwa mide kakhulu iminyaka eyisikhombisa belindile, wathi kunzima ukubhekana nesimo emndenini njengoba unina esephila nokukhubazeka.
“Udinga umnakekeli, ozomgada ubusuku nemini. Udinga ukuthengelwa amanabukeni nokunye okubalwa ukuyiswa esibhedlela noma emtholampilo uma kukhona isidingo. Siyesinda lesi simo kithina sonke emndenini,” usho kanje.
Uthe ngisho noyise obazalayo useze waphenduka isiguli sodokotela abeluleka ngokomqondo ngenxa yokugula komkakhe.
“Akakwazi nokubhalisa impesheni ngoba umama uvela njengomuntu osasebenza,” kuqhuba uNkk Modise.
Uthe bafuna ubulungiswa, anxeshezelwe unina ngemali emfanele ukuze bakwazi ukubhekelela zonke izidingo zokukhubazeka kwakhe.
DoH comment...
Related Topics: