Izindaba

UDuma nomnqamlajuqu womthetho wokusebenza kwabe-e-hailing

Hope Ntanzi|Published

UMPHATHISWA wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma, uthe sekubekwe umnqamulajuqu ngabezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile

Image: SIGCINIWE

UMPHATHISWA woMnyango wezokuThutha nezokuHlalisa aBantu KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma useqinisekise ukuthi uhulumeni uzobe usuqede konke ngomthetho olawula ukusebenza kwabemboni ye-e-hailing zingakapheli izinsuku eziwu-21, ukusiza ukuthi kuphele ukungaboni ngaso linye kwabale mboni nabemboni yezamatekisi.

Lokhu kuza emva kombhikisho obuwenziwe ngabososeshini wamatekisi aKwaDabeka nawaseClermont kuleli sonto, okuze kwaholela ekutheni kube nesiteleka samatekisi aseThekwini ngoLwesine, okume yonke into eThekwini namaphethelo, abagibeli abaningi basala dengwane bengenazo izithuthi zokubayisa ezindaweni ezahlukene.

Lezi ziteleka zenzeka emva kokuthi uphiko lwamaphoyisa ezomgwaqo aseThekwini ebophe amatekisi awu-25 asebenzela eThekwini ngoba ewasola ngokungabi nazo izimvume zokusebenza, lokho kwenza ukuthi abashayeli babeka phansi amathuluzi.

Ekhuluma emhlanganweni obungoLwesine lapho abehlangene khona nabaholi bososeshini, abemboni ye-ehailing neziphathimandla zezokuthutha, uDuma uqinisekise ukuthi ikhona iminyakazo ezoba khona malungana nale nkinga njengoba esexhumene nanoNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha uNkk Barbara Creecy, ukuzama ukulungisa le nkinga.

"Wuyena (esho uNk Creecy) oqinisekise ukuthi kuzophela izinsuku eziwu-21 kusuka manje sekushicilelwe futhi kwaphasiswa umthetho  ozolawula ukusebenza kwabe-e-hailing ukusiza ukuthi kusebenzeke kahle futhi kungabi bikho ukungaboni ngasolinye," kusho uDuma.

Nokho uvumile futhi ukuthi ukungahleleki kwezinto ngesikhathi nangokushesha yikho okudale ukuthi kube nokungqubuzana kwemibono nokungathembani kwabalezi zinhlaka zombili, wase ema ngokuthi bayazama ngakho konke okusemandleni abo ukuqeda nya ngalezo zingqinamba ezikhona endimeni.

"Nokho sizibophezele ukuthi konke kube sesimweni esifanele, kangangokuthi lolu daba sesilwethulile nasehhovisi likaNdunankulu wesifundazwe, futhi sizibophezele ukuthi siphuthumise sonke lesi simo ukuze konke kubuyele esimweni esijwayelekile," usho kanje.

Ugcizelele nokuthi kumele kuqinisekiswe futhi kubekwe eqhulwini ukuphepha kwabagibeli, ikakhulu njengoba belinganiselwa ku-70% abasebenzisa lezi zithuthi nsuku zonke.