Izindaba

Iphendulwe ihlaya i-ANC esiShayamthetho saseKZN

Mhlengi Shangase|Published

USOMLOMO wesiShayamthetho KwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce, namalungu esiShayamthetho saseSwatini avakashele eKZN

Image: KZN Legislature

AMALUNGU esiShayamthetho saseSwatini enoSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce. AbaseSwatini baseKZN ukuzothekela ulwazi

Image: KZN Legislature

IPHENDULWE ihlaya i-ANC esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, amalungu eqembu uMkhonto weSizwe (MK), ehlekisa ngayo eyitshela kwezikabhoqo ukuthi ayiwuphethe uhulumeni wesifundazwe kodwa uphethwe nguNtuli.

Amalungu eMK agcine esethi akhuleka kuNtuli (Mnuz Thami Ntuli) we-IFP ngoba nguyena ophethe, hhayi i-ANC.

Lokhu kwenzeke, ngesikhathi kunempikiswano ngesiphakamiso seMK, ngesihlava sezidakamizwa esidlange entsheni yesifundazwe.

Ilungu le-ANC ebelikhuluma belilokhu lithi uhulumeni we-ANC, wenze lokhu nalokhu ukulwa nenkinga yezidakamizwa.

Kumane kwasukuma ilungu leMK, lathi kumele amalungu e-ANC azi ukuthi akukho hulumeni eKZN ophethwe yi-ANC.

"Akukho hulumeni oka-ANC la, kuphethe uNtuli. Sikhuleka kuMphemba ngoba nguyena ophethe, hhayi i-ANC," kusho amalungu eMK kwaqhuma uhleko. Ngisho nePhini likaSomlomo, uNksz Mmabatho Tembe, oyilungu le-DA, ligcine selihleka.

Amalungu esiShayamthetho asho ngazwi linye ukuthi kumele kuliwe nalesi sihlava sezidakamizwa.

Kusolwe nabokufika kuleli ukuthi bangabanye babantu abadayisa izidakamizwa. Amalungu aveze ukuthi izidakamizwa zigqilaza intsha yesifundazwe ephenduka imilutha yazo.

UMnuz Simanga Mabaso weMK - ophakamise ukuthi kubhungwe ngale nkinga - uthe kudingeka uhulumeni okhona uyisukumele le nkinga uyeke ukuklwebhana.

"Lo hulumeni wezintethe ezibelethene, ngabe ulungisa le nkinga kodwa ulibele ukuklwebhana. Izibalo ziveza ukuthi u-60% wentsha ugxile ezidakamizweni. Uhulumeni uyahluleka." 

UMnuz Mncendisi Maphisa we-IFP, uthe bayaweseka umsebenzi owenziwa nguNtuli noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

"Siyaweseka umsebenzi owenziwayo ukulwa nale nkinga esifundazweni," usho kanje.

UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Cynthia Shinga weNFP, ukhale ngomonakalo owenziwe yizidakamizwa esifundazweni.

"Akube nemali ezohlinzekwa izinhlaka ezehlukene okumanje zenza umsebenzi wokulwa nalesi sihlava. Inkinga okumele kuliwe nayo le ngoba ibulala isizwe," usho kanje.

Khonamanjalo: Amalungu esiShayamthetho saseSwatini avakashele esiShayamthetho sesifundazwe kusuka izolo nanamhlanje ukuzothekela ulwazi.