Ukukhathazeka ngabafundi abahlulwa yizibalo
Image: Sigciniwe
UMBIKO othulwe ePhalamende uveze ukuthi abafundi bakwa-Grade 6, bashaya udaka kwi-Maths njengoba bengaphezu kuka-30% abafeyilile ekoteni yokuqala yonyaka.
Umbiko othulwe nguMnuz Philip Dikgomo, oseMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, uveze ukuthi babalelwa ku-70% abaphase lesi sifundo ngo-50%, ekoteni yokuqala yalo nyaka.
"Badonsa kanzima abafundi kuleli banga okuveza ukuthi ngeke sifinyelele kulokhu esizibekele khona singumnyango. Besifisa ukuthi okungenani babe sebephasa ngo-90%, ngo-2030, ngokomqulu wokuthuthukisa izwe," usho kanje.
Uthe emazingeni aphansi baqale benze kahle baphase ngo-80%, kodwa uma sebefika kwa-Grade 6 bese itshe ligaya ngomunye umhlathi.
"Zikhona izinhlelo esizenzayo zokuzama ukucija othisha kulesi sifundo. Izifundazwe zinazo nezinhlelo zokuphucula ukufundiswa kwalesi sifundo kanjalo neSayensi," usho kanje.
UMqondisi jikelele, uMnuz Mathanzima Mweli, udalule ukuthi kuba wumqansa kubafundi uma sebeya kuGrade 8.
Uthe yinto abayibheke kakhulu ngoba emazingeni aphansi benza kahle kodwa uma sebenyukela bathwale kanzima.
"Yinto esiyixoxayo ngisho emhlanganweni wezinhloko zeminyango kwezemfundo. Amamaki abafundi ashona phansi uma sebeya ku-Grade 8 no-9," kusho uMweli.
Uveze nokuthi kumele kuqiniswe emazingeni aphansi uma kufundiswa ukuze kube lula kubafundi uma sebedlulela kwamanye amabanga.
Amalungu ePhalamende abuze ukuthi ngeke yini kusize ukufundisa abafundi ngezilimi zesintu ikakhulu lezi zifundo ezinzima.
UDikgomo uthe zikhona izinhlelo ezifuze lezi njengoba kwamanye amabanga befundisa ngezilimi ezimbili, olwesintu kanjalo nesiNgisi.
"Nocwaningo luyakuveza ukuthi uma kufundiswa ngolimi lwesintu, umfundi wenza kahle ezifundweni zakhe. Yinto esiyenzayo ikakhulu njengoba sisebenzisana nenhlangano ebhekele izilimi i-Pan South African Language Board."
Sekuke kwakhalwa ngokuthi izifundazwe eziningi zilaxaza iMaths zenzise abafundi i-Maths Literacy ikakhulu kusuka ku-Grade 10 kuze kuye ku-matric ukuze baphase.
IMaths Literacy kukhalwa ngokuthi ayibasizi ngalutho uma sekumele bangene emanyuvesi.
Related Topics: