Izindaba

Sishaye kwezwela kubadayisi isiteleka samatekisi

Nkosikhona Cele and Zimbili Vilakazi|Published

ABAGIBELI bebemi izixongololo lapho abajwayele ukugibela khona ezindaweni ezehlukene eThekwini ngethemba lokuthi bazokuthola okokugibela yize bekunesiteleka samatekisi

Image: Doctor Ngcobo

BATHI bafe olwembiza abadayisi basemarenki ngokuma kwamatekisi njengoba bethi lokhu kuyabakhinyabeza kakhulu futhi kudala ukuthi bangakwazi nokucosha inkece yokuphila.

UNksz Lungile Zungu waseSolezwe, ngakwa-C, KwaMashu, osedayise iminyaka erenki yakule ndawo, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala njengoba kuqale isiteleka samatekisi izolo.

Uthe uziphilisa ngokudayisa - umndeni wakhe uwondla ngayo le mali. Ugcizelele kakhulu ukuthi kubalimazile  ukuba khona kwesiteleka samatekisi.

BEKOME nkwe emarenki aseThekwini izolo ngenxa yesiteleka samatekisi

Image: Leon Lestrade

"'Akekho umuntu esimthembile sibheke yona le nto yokudayisa lapha emgwaqweni. Ngiwumama oziphantelayo njengoba namhlanje kungasetshenzwa ngiyalimala kakhulu. Ekhaya kubhekwe mina,'' usho kanjena.

Uthe njengoba kuphele inyanga nje baye babe nethemba lokuthi kukhona okungcono abazokuthola, wathi kodwa lesi simo sesidale ukuthi kumane kube nzima kakhulu.

Uthe ubhekene nesimo esinzima njengoba bekufanele aye eBhamshela emngcwabeni wesihlobo ngempelasonto obekuzokuba lula ukube ubesebenzile kwabakhona imali engenayo. Uthe ngenxa yokubhimba kwezinto akaboni ukuthi bonke emndenini bazokwazi ukuya emngcwabeni.

BEKUHAMBA amabhasi kuphela eThekwini njengoba bekunesiteleka samatekisi

Image: Doctor Ngcobo

"Ngeke sisaya sonke ngoba akuzange kudayiseke kahle,'' usho kanjena.

Ukhale nangokuthi uhambe ngezinyawo eya erenki, wabalisa nangokubola kwezinto abazidayisayo ezifana nobhanana.

"Uma kunjena izinto zethu ziyabola. Besilapha nje sinethemba lokuthi kukhona okuncane esizokuthola,'' kuchaza yena.

Unxuse ukuthi uma kunenzingqinamba ezikhona embonini yamatekisi, kube khona ukuxoxisana okuphuthumayo phakathi kwayo nazo zonke izinhlangothi ezithintekayo.

ABANYE abagibeli babonakale belubangula ngonyawo ezindaweni ezehlukene eThekwini njengoba bekunesiteleka samatekisi

Image: Doctor Ngcobo

UNkk Nomusa Mhlongo odayisa erenki yaseYMCA naye ukhale esifanayo etshela Isolezwe ukuthi isiteleka sibalimaza kangakanani njengabadayisi.

"Kubuhlungu kakhulu lokhu esikubona kwenzeka ngoba kuyafana nje nokuthi kusiphuca iqatha emlonyeni. Thina siziphilisa ngokudayisa emarenki. Uma sekuma amatekisi sizodayisela bani ngoba abantu abeza eThekwini balethwa yiwona kanye amatekisi,'' usho kanjena.

Khonamanjalo ngenhloso yokubhekela izidingo zomphakathi, iMeya yeTheku, ikhansela uCyril Xaba noMphathiswa wezokuThutha KwaZulu Natal, uMnuz Siboniso Duma, sebenxuse abaholi bemboni yamatekisi ukuba baqede isiteleka.

"Sizimisele ngokweseka imboni yamatekisi futhi sifisa ukubona kunezixazululo. Sizophinde sixoxisane noNgqongqoshe wezokuThutha uNkk Barbara Creecy,'' kusho uXaba.

Uveze ukuthi isigungu esihlanganisa abamele imboni yamatekisi, uMasipala weTheku noMnyango wezokuThutha bazoqhubeka babhunge ngezixazululo ezinkingeni ezibonakala zikhungethe imboni. Kunomhlangano obuhlanganisa abeMetro Taxi Council eholwa nguMnuz Mathula Mkhize, imenenja yeTheku uMnuz Musa Mbhele kanye nezikhulu ebezimele iClermont  neKwaDabeka.

Lo mhlangano ubuyingxenye yemizamo kahulumeni yokungenelela ezinkingeni zemboni yematekisi ikakhulukazi KwaDabeka naseClermont. Kulo mhlangano kubhungwe kabanzi nangenkinga yezimvume kanye nokudedelwa kwezimoto eziye zithathwe.

Okhulumela iSantaco, uMnuz Sifiso Shangase, uthe zikhona izingxoxo eziqhubekayo futhi kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi kuzophuma isixazululo.

BEBEPHEPHELA emabhasini abagibeli amatekisi engabonwa nangokhalo

Image: DOCTOR NGCOBO/ independent newspapaers

"Okuningi sesivumelene ngakho emhlanganweni ophele entathakusa namuhla (esho izolo). Sinethemba lokuthi kozoba namuhla ntambama (esho izolo) kuzophuma isinqumo sokuthi ziyabuya izimoto kusasa (esho namuhla)," kusho uShangase.

Uthe okuningi izinhlaka ebezisemhlanganweni zivumelene ngakho, phakathi kwakho ubale ukudedelwa kwamatekisi aKwaDabeka angu-25, ayeshaqwe amaphoyisa ngoLwesihlanu olwedlule kuthiwa awanazo izimvume zokuba semgwaqweni.