OMUNYE wemisiko ebidlisa kwiDurban Fashion Fair nyakenye
Image: SITHUNYELWE
AKUSEKHO okuzophazamisa izinhlelo zomcimbi walo nyaka wombukiso nemincintiswano yemfashini iDurban Fashion Fair (DFF), ozobe ukhuza ibuya inhlandla lika-14 nonyaka ozobe useDurban Exhibition Centre, eThekwini ngoSepthemba 17 kuya ku-19.
Lokho kuqinisekiswe ngabethimba elihlela lo mcimbi, nonyaka ingqikithi yawo ethi The Awakening, lapho kuzoqhakanjiswa imisiko yemfashini eveza ukuziveza noma ukuzethula kabusha ebantiwni, kanti nonyaka bawu-60 abasiki bengqephu abazobe bekhona emcimbini.
AboMasipala weTheku, nokuyibona abahlela lo mcimbi oqhakambisa imisiko yemfashini nobuciko bokucikoza ngengqqephu, baqinisekise ukuthi asekhona futhi amathikithi okuba yingxenye yezethameli zomcimbi.
Amathikithi atholakala eWebtickets ngoR120 elokubuka umcimbi wosuku olulodwa, uR250 wokubuka izinhlelo zomcimbi zozine zemfashini, uR500 we-VIP yosuku ngalunye kwezintathu zomcimbi noR500 wokubuka umcimbi izinsuku zontathu.
Usihlalo woPhko lwezokuThuthukisa uMnotho nokuHlela, ikhansela uThembo Ntuli, ukhuthaze izakhamuzi ukweseka lo mcimbi ngokuthenga amathikithi okuwubuka ukuze konke kuhambe kahle nangendlela abahlele ngayo.
OMUNYE wemisiko ebidlisa kwiDurban Fashion Fair nyakenye
Image: SITHUNYELWE
"Lokho kuzosiza ukuthi umcimbi ube yimpumelelo ikakhulu kulaba abawu-17 abasohlwini lokucijelwa umkhakha wemfashini abasebenze kanzima belungiselela lesi sikhathi kusukela kuqala amalungiselelo omcimbi ezinyangeni ezimbalwa ezidlule, kanti futhi lokhu kuzokhuthaza ukuthi siqhubeke nalo mbono omuhle kangaka," kusho uNtuli.
Yomithathu imicimbi yantambama izoqala ngo-6 kusihlwa iphele ngo-9 ebusuku, kanti ngosuku lokuqala kuzobe kukhangisa abasiki bengqephu okukhona kubona iBlack Excellence Clothing Brand, DFANT, Carita Adams, Eagle Haute Couture, Iqasha House of Fashion, Ntsasa Creation and Trading, Karen Monk Klijnstra, Ezobkhosi Designs, Phumzist, Saneps Techwear, AZM Fashion Creations, Earth Tones Designs, Flott Duka, S.H.I.L.K, ZAH Creation Couture, Eagle Eye Clothing, SM Creations, Curved Indlovukazi, INkosana, UP Phelele noPaul Kotini.
Ngosuku lwesibili lomcimbi kuzobe kukhona oModesta, Nkosazane, Enhle Babes Couture, Ulolisa, Sistas Felas, Yatsar, Afrodiziaq Progrtto, Zulu Madame, Mphosh Brands, Vyagor Louvre, Jado Mjadu, Zola Ndlovu, Nomalawee, Monarch Detailer, Precious Lulu Couture, Eullue, Zwandyy, Zerotolerance Luxury Streetwear, Nox Couture noZamaswazi.
Umcimbi uzobe usuphethwa ngohlelo lwalaba basiki bengqephu abasafufusa abawu-17 ababecijelwa lo mkhakha, lapho bezothola khona ithuba lokukhangisa ngemisiko yabo abayenze ngenkathi becijwa.
Kanti ngale kwalokho kuzobe kukhona nabasiki bengqephu abaziwayo esingabala kubona oVallure, EYC Couture, Victor Fashion Kingdom, DUKE “Clothe Your Soul,” Sibu Msimang, Kireshen Chetty, Mita-N-Dzyns, Karla Lortan ne-Sompire Femme by Somizi. Kuzoba khona nabasiki bengqephu abaziwayo baseNamibia naseZimbabwe.
I-DFF izosongwa nge-DFF Recognition Awards ezoba ngoSepthemba 2025, lapho kuzohlonishwa abantu ababamba iqhaza kwezemfashini.