Indida ecaleni lokudlwengula
Image: Sigciniwe
KWENZEKE okungajwayelekile eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, uthisha osolwa kwelokudlwengula umfundi (16) waze wakhulelwa, ededelwa kalula ngebheyili ka-R2 000.
Umsolwa (34) okuthiwa ufundisa iMathematics neScience esikoleni uMtapo High, eLindelani, uboshwe ngoLwesibili olwedlule.
Kuthiwa wadlwengula ephindelela umgilwa ofunda uGrade 10 kulesi sikole.
Kubikwa ukuthi isigameko sakamumva senzeke ngeSonto eledlule, umgilwa eya esontweni. Kuvela ukuthi umsolwa wamphoqa ukuthi agibele emotweni, wayishaya yazula yaya emqashweni wakhe, wafike wamdlwengulela khona.
Esandulela leso, kuthiwa senzeka emasontweni ambalwa edlule, lapho umgilwa adlwengulelwa kwelinye lamagumbi okufunda esikoleni.
Ngesikhathi evela izolo ezofaka isicelo sebheyili, kwenzeke okungajwayelekile, umshushisi woMbuso, uNkk Govendor esho okunye nomseshi esho okunye.
UNkk Govendor ubesendlalele ngezethulo ezikhombisa ukuthi uMbuso uyaphikisana nokuthi umsolwa adedelwe ngebheyili, kodwa umphenyi, uSergeant Kwenzokuhle Dube, wathi yena akakuphikisi ukuthi umsolwa adedelwe ngebheyili.
“Abukho ubudlelwane obuphakathi kukamsolwa nomgilwa. Umgilwa uyingane, kubukeka kunesenzo sokusizakala ngalokho ohlangothini lukamsolwa, nokuyicala elibomvu,” kusho uNkk Govendor.
Wengeze ngokuthi emacaleni amane okukhona kuwo awokudlwengula nawokuthumba, kukhona nenzeka umgilwa eseneminyaka engaphansi kuka-16.
Ube esekubeka kwacaca ukuthi uMbuso uyaphikisana nokuthi umsolwa adedelwe ngebheyili ngoba leli yicala elibucayi.
Nokho kuthe umphenyi, uDube osebenza ophikweni lwamaphoyisa olubhekelela amacala odlame lwasemndenini, ukuhlukunyezwa kwezingane, namacala aphathelene nocansi eNanda, esengena ebhokisini lofakazi, wathi akaphikisani nokuthi umsolwa adedelwe ngebheyili.
Uthe ngesikhathi enza uphenyo lwakhe uthole ukuthi umsolwa akakaze abe nacala phambilini futhi alikho elinye alihambayo njengamanje.
“Usebenzela uMnyango wezeMfundo, ngeke alibalekele icala. Ngiliqinisekisile nekheli laseMlaza, lalapho angaphuma ayohlala khona uma ededelwa ngebheyili. Ngeke axhumane nomgilwa ohlala eNtuzuma, uma kwenzeka ededelwa ngebheyili,” kusho uDube.
Uthe akukho zinsongo zokusabisa ezitholwa wumgilwa nomndeni wakhe kumsolwa kanjalo nasemndenini wakhe.
Uveze nokuthi uke waya esikoleni lapho kufundisa khona umsolwa, wafike wathola ukuthi umnyango usezinhlelweni zokumumisa emsebenzini ngenxa yezinsolo zokudlwengula.
Uqhube wathi ngesikhathi ekhuluma nonina kamgilwa umtshele ukuthi akafuni umsolwa adedelwe ngebheyili. Nokho uthe azibanga bikho izizathu eziphathekayo azibekile ukwesekela lokho ngaphandle kokuthi leli yicala elibucayi.
“Nomphakathi uhlukene phakathi. Ngikhuluma nje njengamanje lapha enkantolo kugcwele abazokweseka umsolwa, abekho abazokweseka unina kamgilwa. Emphakathini nasesikoleni, kukhona ababuza ukuthi wayethuleleni sonke lesi sikhathi, abanye bathi yingoba useyingane,” kusho uDube.
Encwadini efungelwe kamsolwa, efundwe wummeli wakhe uMnuz Mafika Dlamini, uveze ukuthi uhlela ukuwaphika wonke amacala abekwe wona.
“Angikaze ngimdlwengule umgilwa futhi angikaze ngimthumbe. Ngosuku lwesigameko ngamgibeza emotweni yebo, egqoke izingubo zesonto kodwa angizange ngimenze lutho,” kufundeka incwadi.
Uqhube wathi unikela nangokuthi kuthathwe uketshezi lwakhe, luyohlolwa e-laboratory.
“Ngisola ukuthi unovalo lokukhuluma iqiniso kubazali bakhe wase ebona ukuthi kungcono asulele ngami,” kuqhubeka incwadi efungelwe.
IMantshi uMnuz S Cadir ngaphambi kokuba imdedele ngebheyili ithe iyaqala ukubona kuba khona ukushayisana phakathi koMbuso nomseshi uma kwenziwa isicelo sebheyili.
“Umshushisi uyasiphikisa isicelo sebheyili, umseshi uthi akasiphikisi. Yinto engajwayelekile le,” kusho uCadir.
Uqhube wathi inkantolo iyakucabangela nokuthi umsolwa unguthisha wezifundo ezinothisha abangandile .
“Kuvela nokuthi usemisiwe emsebenzini noma kunezinhlelo zokuthi amiswe. Lokho kukodwa sekuyisijeziso ngaphandle kokuthi kuze kuzwakale ubufakazi obugcwele ngecala,” kusho uCadir.
Emdedela ngebheyili, phakathi kweminye imibandela, uthe akufanele axhumane nomgilwa noma nofakazi, kufanele athuthele ekhelini laseMlaza ngokushesha angabe esabonakala eNtuzuma, KwaMashu naseNanda ngaphandle uma eze ecaleni.
Icala lihlehlele u-Okthoba 29, 2025 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Related Topics: