Isicelo sebheyili uthisha osolwa ngokudlwe
Image: Sigciniwe
UZWAKALISE ukungagculiseki unina womfundi (16) wasesikoleni, uMtapo High, eLindelani, eThekwini, umseshi enza kuba lula ukudedelwa ngebheyili kukathisha wakulesi sikole osolwa ngokumdlwengula, aze akhulelwe.
Unina kamgilwa, ongeke adalulwe ukuvikela umgilwa uthe kummangazile okuningi okushiwo umseshi, uSergeant Kwenzokuhle Dube ngesikhathi umsolwa (34) efaka isicelo sebheyili.
“Usho wonke amaphuzu akhombisa ukuthi weseka ukuthi umsolwa adedelwe ngebheyili. Wangasho lutho kwengimtshele khona ngesikhathi sikhuluma ngokuthi angifuni adedelwe,” kusho unina kamgilwa.
Phakathi kwamaphuzu athi umtshele wona elokuthi umgilwa usatshiswa umfundi okusolwa ukuthi uthandana nomsolwa esikoleni.
“Ngimtshelile ukuthi lo mfundi ukhiphe ingane yami ekilasini kufundwa, wayibuza ukuthi ilibophiseleni isoka lakhe,” kusho unina kamgilwa.
Uthe ngokusho kukamgilwa, lokhu kwenzeke emva kokuthi lo mfundi efonele umsolwa njengoba eseboshiwe, embuza ukuthi uboshelweni, waphendula ngokuthi akahambe ayofuna impendulo kumgilwa.
“Ngaleso sizathu ingane yam isiyaphelezelwa uma iya noma ibuya esikoleni,” kusho unina kamgilwa.
“Ngithukile ukuthi sikhulumile naye kodwa wangabe esakusho nhlobo engimtshele kona. Ubelokhu ethi kufanele ngibe nobufakazi obuphathekayo,” usho kanje.
Uthe uze wabeka nanokuthi umsolwa ungumuntu wendawo nokwenza babe novalo ngokudedelwa kwakhe.
Uthe bekungelona iqiniso lokuthi ubehamba yedwa enkantolo, sikhona isihlobo sakhe abehamba naso futhi ikhona inqwaba ebizimisele ngokuza kodwa yathikanyezwa isiteleka samatekisi.
“Lokhu kokuthi kukhona abathi ingane ibithuleleni, ngiyafisa ukwazi ukuthi obani labo asebenolwazi lokuthi babuza lokho,” kusho unina kamgilwa.
Usole umseshi ngokuthi usho wonke amaphuzu akhombisa ukweseka umsolwa, wangasho nelilodwa elikhombisa ukweseka umgilwa.
“Angigculisekile ngendlela enze ngayo. Umshushisi uze wangibuza ukuthi kungani ngivuma ibheyili, ngamtshela ukuthi angikaze ngiyivume,” usho kanje.
Uthe akasenaso isiqiniseko sokuthi umgilwa uzobuthola yini ubulungiswa uma ithi isuka nje kube kwenzeka kanje.
Related Topics: