Izindaba

Livume icala lagwetshwa iphoyisa elabulala lagxisha owesilisa epayipini

Nkosikhona Cele|Published

Ligwetshiwe iphoyisa elivume icala lokubulala

Image: Sigciniwe

LEHLELE ngezansi, lavuma icala lase ligwetshwa iminyaka ewu-18 libhadla ejele iphoyisa ebelibhekene necala lokubulala uMnuz Sihle Mtshare (27) waseMariannhill, okwatholakala isidumbu sakhe sigxishwe epayipini.

U-Ayanda Percival Ntombela (42) obebekwe wuMbuso icala lokubulala nelokuthumba, wayekade eyiphoyisa elalisebenza esiteshini saseMariannhill. Uvuma icala nje, wase ekhethe ukuvele esule emsebenzini.

Umufi wanyamalala ngo-Agasti 21, 2023, kade ekoninalume njengoba kuthiwa wathathwa yiphoyisa.

Kuthiwa umufi wayekade egcine ukubonakala edla anhlamvana ngesikhathi eboshwa uNtombela. Isidumbu sakhe satholwa yinja ehogela umkhondo sigxishwe epayipini lamanzi eMkhambathini.

Watholakala ngemuva kwezinsuku eziwu-18 kade enyamalele. Ngaphambilini, uNtombela watshela inkantolo ukuthi ubona sengathi impilo yakhe isengcupheni njengoba eboshelwe eWestville.

ENkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo, iJaji uMichael Bedderson, limgweba uNtombela, likhale  kakhulu ngonya alukhombisa ngesikhathi ebulala umufi. Lithe umphakathi kawubadingi abantu abanonya njengaye.

UNtombela uvuma icala nje, kuke kwaba nemibiko ebiveza ukuthi ucabanga ukulivuma. Ukulivuma kwakhe kwenzeke ngemuva kokuxoxa okube khona phakathi koMbuso nabameli bakhe. UNtombela obengaphandle ngebheyili, kwaba nesikhalazo esikhulu kwabomndeni kamufi ngesikhathi iNkantolo yeMantshi yasePinetown, imdedela ngebheyili.

Ngesikhathi esanda kuduka umufi, abomndeni wakhe bebevuka njalo ekuseni baye esiteshini samaphoyisa saseMariannhill, bayoqhinqa khona.

Ngeledlule, unina kamufi, uNkk Sebenzile Phungula, utshele Isolezwe ukuthi ufisa ukumbona ebolela ejele umenzi wokubi. Waveza nokuthi namanje sisabhibha isilonda ngendlela okwabulawa ngayo indodana yakhe. 

Ukhale nangendlela isidumbu sendodana yakhe esase sibukeka siyo, wathi lokhu kwawuhlukumeza kahulu umndeni wakhe wonke, wagcizelela ukuthi uyazibuza uyaziphendula namanje ukuthi wayoneni le engaka eyayingaze idale ukuthi agcine esebulawa ngesihluku esinjena?