Izindaba

Ubeneziqubu zokumjaha ngezikhali umkakhe osolwa ngokubulala: umseshi

Zimbili Vilakazi|Published

UMSOLWA uMnuz Khayelihle Dhlomo evele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngecala lokubulala unkosikazi wakhe

Image: Zimbili Vilakazi

KUVELE ukuthi ubehlale emjaha ngezikhali ezehlukene umkakhe, uthishanhloko wasesikoleni iSithembile Primary, eLindelani, eThekwini, osolwa ngokugcina embulele. 

Lokhu kuvele ngesikhathi umsolwa, uMnuz Khayelihle Dhlomo (43), eqhubeka nokufaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo.  

Ubhekene necala lokugwaza, abulale uNkk Khanyisile Dhlomo, naye owayenguthisha, ngoSepthemba 2022.

Ngemumva kwesigameko, umsolwa watshela amaphoyisa ukuthi umufi uzibulele ngokuzigwaza.

Nokho emva kokuthi uphenyo luthathwe yithimba leThekwini District Task Team ngoMashi, kulo nyaka, uphenyo lukhombe ngakuye umsolwa, wagcina eboshwa ngoJulayi, nonyaka. 

Ethula ubufakazi obuphikisa isicelo sebheyili umphenyi, uSergeant Sanele Mdima, uthe ofakazi abehlukene baveze ukuthi emlandweni wodlame kulaba abaganene, umsolwa ubebuye amjahe ngommese umufi, kokunye kube wucelemba.

“Indodana yabo yaveza esitatimendeni ukuthi ezinsukwini ezimbili ngaphambi kwesigameko sokubulala, umsolwa wayemgijimisa endlini ngommese,” kusho uMdima. 

Kwesinye isehlakalo, ufakazi ongumakhelwane, naye uveze ukuthi kukhona lapho ayemjaha khona ngocelemba, kwaze kwakhuza yena. 

UMdima utshele inkantolo ukuthi umsolwa wamtshela ukuthi ummese wokugcina amasiko umufi "azibulala" ngawo. Kusolakala ukuthi yisinqindi agcagca ngaso uNkk Dhlomo okanye wummese wokuhlaba.

“Wathi lo mmese babewubeka ngaphansi kukamatrasi, embhedeni ababelala kuwo,” kusho uMdima. 

Embuza umshushisi woMbuso, uMnuz Calvin Govender ukuthi yiwo yini lo mmese okuthiwa watholwa uphethwe, umufi ngesandla, uMdima uthe kunjalo.

Ubufakazi bukaMdima bubuye babeka obala izinsolo zokuthi umsolwa waphula umthetho, wasusa isidumbu endaweni yesigameko, wayosibeka kwenye indawo lapho esagcina sificwa khona amaphoyisa.

Lokhu kuvele esitatimendeni sendodana yabo nesikanina kamsolwa. 

Kwesendodana kuvela ukuthi yezwa uyise (umsolwa) esho ngengila emnyango ngesikhathi yona ihleli ngaphakathi egunjini lokuphumula. 

“Ithi yaqale yalunguza ngewindi, yabona uyise emi eduze kwesidumbu sikanina. Ithi yagijima yaya kuye, ukuyozwa ukuthi kwenzekeni, wayitshela ukuthi unina usezibulele,” kusho uMdima.

Uthe wabe eseyiyalela ukuthi ibuyele endlini ngoba incane ngeminyaka ukubona into efana nale. 

“Esitatimendeni sayo indodana, ibuye iveze ukuthi yabuye yabuyela lapho okwakulele khona isidumbu sikanina sekufike amaphoyisa. Yaqaphela ukuthi unina usebambe ummese ngesandla, ekubeni ayekade engawuphethe ngesikhathi imbona okokuqala ekuqaleni,” kuqhuba uMdima. 

Ngakolunye, uhlangothi uMdima uveze ukuthi isitatimende esenziwa unina kamsolwa, okuthiwa wayekhona ekhaya ngosuku lwesigameko, siveza ukuthi umsolwa wangqongqoza ekamelweni lakhe, wamfica edla iphalishi, elungisela ukuya esontweni.

“Uthe wamtshela ukuthi kukhona into eseyenzekile, uKhanyi usezibulele. Uthe wambuza unina ukuthi kanjani, wamphendula ngokuthi uzinqume uqhoqhoqho,” kusho uMdima. 

Uthe balandelana, umsolwa ehola unina phambili, baze bayofika emnyango wekamelo labo (abashadile). 

“Umnyango wawuvaliwe, umsolwa watshela unina ukuthi angangeni ngoba azokubona kuzomenza angalali ebusuku,” kusho uMdima.

Lokhu kudwebe isithombe sokuthi ngokukamsolwa zimbili izindawo okwenzeka kuzo isigameko esisodwa. Indawo yokuqala isekamelweni labo, okuvela ebufakazini bukanina. 

Eyesibili ingaphandle egcekeni, lapho abizela khona indodana, eyikhombisa ukuthi unina usezibulele. 

Uphinde waveza nokuthi umakhelwane, naye oweza endaweni yesigameko, waveza ukuthi umufi ubeseqale uhlelo lokufaka isehlukaniso nomsolwa, wathi naye waze wameseka kusona njengoba ayenolwazi oluphelele ngokuthi ubudlelwane babo bunomlando wodlame.

“Lo fakazi uthe waze wamtshela ukuthi uyameseka kuleso sinqumo ngoba uma engasifaki isehlukaniso uzogcina embulele, nokuyinto eyagcina yenzeke ngempela,” kubeka uMdima.

Kuvele ukuthi umsolwa ngaphambi ngokuba aboshwe, wathumela indodana yakhe umyalezo ethi uyifisela inhlanhla. Lokhu yakuhlaziya njengokuyisabisa ngoba yase ithole ukuthi useyazi ukuthi kade bebhalisa izitatimende. 

Inkantolo ibigcwele, ivale ngomuntu emnyango. 

Kwabebezothamela, bekukhona umndeni wakwaNduli lapho okuzalwa khona umufi, owakwaDhlomo lapho aganele khona, bese kuba amalungu e-ANC.

KwabakwaDhlomo ubekhona noMnuz Sibongiseni Dhlomo, obonakale ephuma masinyane elandela amanye amalungu omndeni wakwaNduli, aphume echiphiza izinyembezi ngesikhathi uMdima ethula ubufakazi obushaqisayo. Kusolakala ukuthi uDhlomo ubeyowathulisa lawa malunga, njengoba bebuye babuya ngaphakathi enkantolo belandelana emva kwemizuzu embalwa. 

Imantshi uMnuz Scelo Zuma ilihlehlisele inamuhla icala, ukuze kuqhubeke ukuhlonywa ngemibuzo kukaMdima.