Umfundi okhulelwe
Image: Sigciniwe
IKHATHAZEKILE iKhomishini yezokuLingana ngokoBulili ngezikole eziphoqa abazali babafundi abakhulelwe ukuthi baphelezelwe nsuku zonke uma beya ezikoleni ukuze bazobagada baze babelethe.
Ikhomishini ithe izikole zenza lokhu ekubeni ikhona imigomo ecacile ebekiwe yokubhekana nabafundi abakhulelwe.
UDkt Denis Matotoba oyisikhulu esiphezulu sekhomishini, uthe lo mkhuba uyabakhathaza ngoba izikole ziwenza ngamabomu.
"Sesize sabhalela uMnyango weMfundo eyisiSekelo ngokukhathazeka kwethu ngale nkinga. Abafundi abakhulelwe bagcina sebelaxaza isikole ekubeni kungafanele ngoba baba ngaphansi kwengcindezi yokuthi kumele abazali babo bazobagada," usho kanje.
Lokhu kuvele ngesikhathi le khomishini ivele ngaphambi kwekomiti leMfundo eyiSekelo ePhalamende.
Kulo mhlangano, amalungu ePhalamende aphinde akhala ngothisha nothishanhloko abadlwengula baphinde bakhulelise abafundi.
Amalungu athe othisha yibona okumele ngabe bagada abafundi njengabazali. Aveze ukuthi kwezinye izikole akuphephile ngenxa yokuthi kudliwa izidakamizwa kuphinde kubhenywe nogwayi emathoyilethi.
Aveze ukubaluleka konogada nokuthi amaphoyisa asondele eduzane afake isandla ukusiza kwehle udlame oluhlasele kwezinye izikole.
UMnuz Mandla Shikwambana, ilungu le-EFF, ufune ukwazi ukuthi bangaki abafundi abakhuleliswa ngothisha ezikoleni.
Ugxeke othisha nothishanhloko abenza lo mkhuba wathi kwezinye izikole ikwampunzi edla emini.
"Iyakhathaza eyokuthi sithumele izingane zethu ezikoleni kodwa zikhuleliswe othisha. Othisha yibona abafana nabazali okumele ngabe bavikela izingane zethu kodwa bona bayazihlukumeza."
Usihlalo wekomiti, uNksz Joy Maimela, uthe umthetho wezikole iBela, ukubeka kucace ukuthi akumele bakhishwe inyumbazane abafundi abakhulelwe.
Uthe izikole kumele ziwulandele lo mthetho okubeka kucace ukuthi abafundi abakhulelwe kumele basekwe kuze kube bayabeletha baphinde babuyele nasezikoleni.
UMatotoba ukhale ngodlame oludla lubi kwezinye izikole, olusuke luphakathi kwabafundi nolunye olusuke lubhekiswe kothisha.
Uveze ukunengwa eyokuphathwa kwezikhali, ukudliwa kwezidakamizwa, kube ukungalandelwa kwemigomo ebekwe ngumnyango.
"Kubalulekile ukuthi kuphephe ezikoleni ngoba abanye abafundi baze bashiye phansi ukufunda ngoba kungaphephile. Abanye bashiya phansi ngoba behlala kude nesikole, kudingeke balubhade phansi ngezinyawo," usho kanje.
Related Topics: