Izindaba

ITheku nesibophezelo sokushaya into ecokeme ngenyanga yezokuvakasha

Simangaliso Ntshangase|Published

IMEYA kaMasipala weTheku, iKhansela uCyril Xaba, ikhuluma esithangamini sokubhunga ngezokuvakasha ebesiseSouthern Sun Elangeni & Maharan Hotel, eThekwini izolo

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

IMEYA kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, isiqinisekise ukuthi bewumkhandlu nazo zonke izinhlaka zokuvakasha zohulumeni nezizimele bazibophezele ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle edolobheni njengoba sekuqale inyanga yezokuvakasha.

UXaba usho njalo ekhuluma esithangamini ebesiseSouthern Sun Elangeni & Maharan Hotel, eThekwini izolo. Kusona ubememe abezinhlaka zokuvakasha ukuzobhunga ngesimo sezokuvakasha futhi kuboniswane ngokuthi yikuphi okumele kwenziwe nokumele kugwenywe ukuze kuqinisekiswe ukuthi konke kumi ngomumo. Uthe uSepthemba waziwa nangokuthi yinyanga yezokuvakasha, lapho okusuke kubhekwe khona ukuthi umnotho omningi ungene kule mboni ngalesi sikhathi.

“Yingakho sihlangane lana ukubonisana nokucebisana ngokuthi singenza kanjani ukuthi sigcine idolobha lethu lisesimweni esifanele ukusiza ukuqinisekisa ukuthi zonke izivakashi ezizoza edolobheni lethu ngalesi sikhathi ziphatheka kahle zize ziphindele emuva okuzosiza ngokuthi zikhuthalele ukubuya futhi ngobuningi bazo ngesikhathi esizayo,” kusho iMeya.

IMENENJA yedolobha iTheku, uMnuz Musa Mbhele, ikhuluma esithangamini sokubhunga ngezokuvakasha ebesiseSouthern Sun Elangeni & Maharan Hotel, eThekwini izolo

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

Eqhuba, uthe kumele kube wumsebenzi wawo wonke umuntu waseThekwini namaphethelo ukuqinisekisa ukuthi abavakasha kuleli dolobha kanjalo nabahlala kulona nsuku zonke bahlale bephephile ukusiza ukuthi abantu bangabi manqika ukuza kulona.

“Siyazi futhi ukuthi kusekhona abenza ubugebengu obuphazamisa inhlalakahle yomphakathi edolobheni lethu, kepha futhi sesixhumene noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni sethu ukuqinisekisa ukuphepha kwawo wonke umuntu,” usho kanje eqinisekisa nokuthi cishe wonke amabhishi awu-23 edolobheni asebenza ngendlela efanele manje, njengoba kuke kwaba nokukhathazeka phambilini ngesimo samanye abengasebenzi.

Uthe luyaqhubeka futhi uhlelo lokugcina zonke izingxenye zedolobha zihlanzekile njengoba kumanje kuvele kuyaqhubeka ukulungisa eNorth Beach nasemahhotela akhiwe khona ukuze abe sesimeni esihle, kulungiswe okudinga ukulungiswa kuwona ukuze akwazi ukwamukela izivakashi zasezindaweni ezahlukene ngendlela efanele negculisayo.

IMenenja yeTheku, uMnuz Mbhele, nayo uthe bavule izandla kunoma wubani nakunoma yiziphi izinhlaka ezingaba nezikhalo ezithile noma nemibono kwezicabanga ukuthi kungazisa ukuqhubeka kwenziwe isimo sedolobha sibe ngesihle nesifanele.

Omunye wabebehambele lesi sithangami, uMnuz Chris Phili we-Community Tourism Organisation ebhekele ezokuvakasha ezindaweni zasemalokishini, uphose inselelo yokuthi kwandiswe ezokuphepha emalokishini ukusiza ukuvikela abantu abasuke bevakashele khona ukuze kungabi nokwesaba uma beya  ezindaweni zokuvakasha ezisemalokishini.