Izindaba

Adlonya utshwala nomsolwa amaphoyisa ayeyokwenza uphenyo - umseshi

Zimbili Vilakazi|Published

Amaphoyisa asolwa ngokudlonya utshwala nomsolwa

Image: Charlotte May/Pexels

ISHAQISE abaningi eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo, eyokuvela kwezinsolo zokuthi uthishanhloko osolwa ngokubulala umkakhe, waficwa abanye ofakazi edlonya utshwala namaphoyisa ayejutshwe ukuba ayoqoqa obunye ubufakazi endaweni yesigameko. 

Lokhu kuvele ngesikhathi kuqhubeka ukuhlonywa ngemibuzo komphenyi wecala, uSergeant Sanele Mdima, ngummeli kamsolwa, ngu-Advocate Scelo Zungu. 

Umsolwa, uMnuz khayelihle Dhlomo (53) onguthishanhloko wasesikoleni iSithembile Primariy, eLindelani, eThekwini, uqhubeka ngokufaka isicelo sokuthi adedelwe ngebheyili.

Lona wesilisa futhi oyindodana yomfowabo kasihlalo wekomiti lezeMpilo ePhalamende, uDkt Sibongiseni Dhlomo, kuthiwa wagwaza umkakhe, uNkk Khanyisile Dhlomo, wambulala emzini wabo oseMalvern, ngoSepthemba 4, 2022. 

Kuthiwa ngaleso sikhathi watshela umndeni, abasondelene naye kanjalo namaphoyisa ukuthi umufi uzigwaze yena, wazibulala. 

UMdima uveze ukuthi kwakunguSepthemba 11, 2022, ngesikhathi ithimba lamaphoyisa lihambela emzini kamsolwa.

Uthe inhloso kwakuwukuyophenya ukuthi abukho yini ubufakazi uphiko lochwepheshe elalizobuthola endlini obabuzoveza ukuthi kukhona igazi elalichaphazeleke phansi, kodwa lasulwa.

“Lokhu kwenziwa ngokuthi ithimba lifike esigamekweni namakhemikhali afuthwayo, bese eyaveza uma libe khona igazi elichaphazelekile kuleyo ndawo. Lolu hlobo lophenyo lwenziwa ebusuku kuphela. Kulesi sigameko kuthiwa lwenziwa ngaphakathi endlini,” kusho uMdima. 

Udalule ukuthi ngeshwa lolu phenyo lwabuyisa imiphumela eyayithi alikho igazi elaconsela ngaphakathi endlini nokuyinto eyashiya ezinye izihlobo ezazishaya amakhala - ngokufa kukaNkk Dhlomo - zikhathazekile.

“Zaze zayokhalaza ngalokhu kumphathi siteshi (waseMalvern),” kuqhuba uMdima. 

Uthe yilapho okwaze kwavela khona ukuthi ngesikhathi lifika leli thimba lamaphoyisa emzini wakwaDhlomo, umsolwa wayalela izingane ukuba ziyohlala kwamakhelwane ngesikhathi kuqhubeka uphenyo. 

“Esitatimendeni sendodana yakhe, kuvela ukuthi zathi uma zibuya kwamakhelwane zafica umsolwa namaphoyisa behleli egaraji, beziphuzela utshwala, kumnandi,” kusho uMdima.

Nokho uZungu uthe ikhasimende lakhe liyakuphikisa lokhu, wathi liveze ukuthi izingane zabuya amaphoyisa esehambile, umuntu owayephuza utshwala umngani wakhe uMnuz Twist Ndlovu.

UZungu uphinde waveza ukuthi ikhasimende lakhe lithi akukho elikwaziyo ngokuthi umkalo wayesesezinhlelweni zokufaka isehlukaniso, uMdima uphendule ngokuthi igama lommeli okuthiwa wayeseqalile ukusebenza lolo daba liyaziwa, angabizwa azochaza ukuthi lwase lukusiphi isigaba.

Ubuye waveza nokuthi kukhona izikhawu ezimbili lapho umufi athe wake wazama khona ukuzibulala, wathi yingaleso sizathu waze watshela izihlobo ukuthi uzibulele yize ayengambonanga ekwenza lokhu.

Nakuba evumile uMdima ukuthi ngesikhathi enza uphenyo lwakhe utholile ngalokhu, waveza ukuthi wathola ukuthi umufi wazama ukuzibulala kuzo zombili lezo zigameko.

“Indaba yokuzama ukuzibulala, uyayiveza nasencwadini yesivimbelo ayenzela umsolwa ngo-2014, kodwa futhi kuyona ukubeka kucace ukuthi ukuzama ukuthatha impilo yakhe yinto angeke aphinde ayenze,” kuphendula uMdima. 

Ubuye wathi kuningi okudweba isithombe sokuthi umsolwa wayekuhlelile ukubulala umufi, phakathi kwakho, ubalule ukutshela wonke umuntu ukuthi umufi uzibulele ekubeni engazange ambone ekwenza lokhu.

“Uveza ukuthi umufi wazibulala ngommese ohlala ngaphansi kombhede wabo, ohlangothini olulala yena umsolwa kodwa akukho lapho aveza khona ukuthi wamuzwa ephakamisa umbhede, ewuthatha lo mmese,” kusho uMdima.

Uqhube wathi, umsolwa wehluleka wancama ukuchaza ngamachaphazelo egazi ayeholela lapho okwagcina kuficwa khona isidumbu. 

“Ubuye akhulume ngokuthi waphuma wahamba wayombheka njengoba wayengumuntu ovuka ayogijima. Athi nokho wathi esebuya, wabona amateki akhe okugijima egaraji. Uphenyo luveza ukuthi akazange awabone lawa mateki ngesikhathi esaphuma eyombheka,” kusho uMdima.

Uqhube wathi okunye okumangazayo ukuthi emlandweni wokugijima kukamsolwa, akukho lapho ayeke ahambe ayombheka khona.

“Umbuzo uthi kungani ngalelo langa lodwa waba nomuzwa wokuthi kufanele ayombheka? Obunye ubufakazi obuphambanayo, obokuthi umufi wayeseyekile ukugijima ngenxa yokuphathwa i-asthma,” usho kanje.

Wenezele ngokuthi okushiya imibuzo kakhulu ukuthi ngisho ngesikhathi esagijima umufi wayengeze engakwenza ngezikhathi zasekuseni, wayegijima ngezikhathi zantambama. 

Imantshi uMnuz Scelo Zuma ilihlehlisele uMsombuluko, icala ukuze ummeli enze izethulo zakhe.