STAN Mathabatha
Image: Facebook / ANC Limpopo
UHLANGANA nobuholi be-ANC eLimpopo namhlanje, uNobhala jikelele wale nhlangano uMnuz Fikile Mbalula, kulandela ukugudluka kukaSihlalo kaKhongolose kulesi sifundazwe, uMnuz Stan Mathabatha.
UMathabatha ubhalele ubuholi obuphezulu incwadi ethi uyagudluka esikhundleni ngenxa yokuthi kunezinto angeneme ngazo ezenzeka kule nhlangano.
Ukhale ngezinto ezenzeke engqungqutheleni yezifunda, eVhembe kanjalo naseWaterberg, athe kwenzeke izinto eziphambene nemigomo yenhlangano.
Esitatimendeni, uMbalula uthe uzohlangana nobuholi bale nhlangano eLimpopo.
"Sihlanganile noMathabatha emva kwencwadi ayibhalile ukuze sixoxe ngezinto abekhala ngazo. Sizohlangana nobuholi baseLimpopo ngoLwesine (namhlanje), ukuze sikhulume ngezinto akhale ngazo," kusho i-ANC.
Le nhlangano ithe izobuye ibazise abezindaba ngesikhathi esifanele ngokuphume kulo mhlangano.
"Sikhathazekile siyi-ANC ngokuthi incwadi kaMathabatha iqale yavela kwabezindaba ngaphambi kokuba ihambe ngokwemigudu efanele yenhlangano. Sihlale sikusho ukuthi kumele ngaso sonke isikhathi kulandelwe imigudu yangaphakathi enhlanganweni njengoba kusho nomthethosisekelo wenhlangano."
Le ncwadi iputshuke kwabezindaba kuqala kuleli sonto ngaphambi kokuba i-ANC iphefumule.
Uphiko lwentsha lwe-ANC eLimpopo, lugxeke uMathabatha ngokubalekela izinkinga kunokuthi azixazulule.
Luthe seluzame kaningi ukuhlangana naye kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Related Topics: