Kukhala abaningi ngesu elisha likaNSFAS lokuphoqa abakweletayo ukuba bakhokhe
Image: Ndwalane
LUYAVEVA uphiko lwentsha lwe-ANC, lufuna kuhoxiswe isiphakamiso sokuthi kuchitshiyelwe umthetho i-National Credit Act, ukuze izikweletu zezitshudeni zifakwe ngaphansi kwamabhuku amnyama ezikweletu, kwa-credit bureau.
UNobhala Jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Mntuwoxolo Ngudle, uthe bakhathazekile ngesiphakamiso soMnyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, sokuthi kuchitshiyelwe lo mthetho ukuze izitshudeni ezikweletayo zifakwe ngaphansi kwalawa mabhuku.
Uthe bayasichitha isiphakamiso, bafuna sihoxiswe ngoba sizovalela amathuba izitshudeni.
"Lesi sinyathelo sizokwenza ukuthi izitshudeni zingakwazi ukuthola amathuba uma sezifakwe ngaphansi kwalawa mabhuku ezikweletu. Kumele ngabe uhulumeni uqhamuka nemigomo ethinta ukucishwa kwezikweletu zezitshudeni," usho kanje.
Uhlabe ikhwelo kulo mnyango ukuthi usihoxise lesi siphakamiso ngokushesha.
"Abantu abasha akumele bafakwe emabhukwini amnyama ngoba kungukuthi bafuna ukuzithuthukisa ngakwezemfundo. Imfundo yilungelo elikuMthethosisekelo wezwe ngakho akumele ivinjwe ukuthi iyithole. Sifuna uma kuzoba nezinguquko izinhlangano zentsha yaziswe," kusho uNgudle.
Uthe ngeke bavume ukuthi kubekhona okuzovimba intsha ekutheni ithole imfundo.
Lo mnyango ukhiphele umphakathi ukuthi uphawule ngezichibiyelo emthethweni iNational Credit Act, ngo-Agasti 13, 2025. Umphakathi unikwe kuze kube uSepthemba 12, 2025 ukuthi uphawule ngalezi zichibiyelo ezifaka yona indaba yokuthi izikweletu zezitshudeni zifakwe ngaphansi kwa-credit bureau.
Uma ufakwa ngaphansi kwa-credit bureau, kuba nzima ukuvula ama-akhawunti ezindaweni ezehlukene ngoba usuke unegama elibi lokuthi uyahluleka ukukhokha. Kuba nzima nokuthi amabhange akuboleke imali yokuthi uthenge umuzi noma imoto ngenxa yalokhu.
Ihlale iyindaba egudwini eyezikweletu zezitshudeni minyaka yonke kumbe ezikweleta izikhungo zemfundo ephakeme nezikweleta isikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo iNational Students' Financial Aid Scheme (NSFAS).
Muva nje, iNSFAS iveze ukuthi ikweletwa u-R45 billion yizitshudeni ezathola uxhaso ngaphambi kuka-2018.
Lesi sikhwama sifuna lezi zitshudeni zihlanze imali ezaxhaswa ngayo njengoba zibalelwa ngaphezu kuka-800 000 kuleli.
I-NSFAS iveze ukuthi isiyenze yonke imizamo yokuthi ithole imali ekweletwa yona kodwa ezinye izitshudeni esezisebenza ziyagoloza ukukhokha.
Abalesi sikhwama baveze ukuthi sebenze eminye imizamo njengokuthi sebesebenzisana nezinkampani zabammeli ukuqoqa lezi zikweletu.
Related Topics: