Izindaba

Bangu-17 abantu abalimale engozini enyantisa igazi kuN3

Nonkululeko Nhlapo|Published

Uvalwe thaqa uN3 ngasePeacevale ngenxa yengozi enyantisa igazi

Image: ALS Paramedics

Ngemuva kuka-07:30 ekuseni abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS aphuthume kuN3 uma ubheke eMgungundlovu bethola umbiko wengozi ebandakanya izimoto eziningi.

Ngesikhathi befika kule ndawo engasePeacevale, bathole ukuthi iloli lihlulekile wukuma lashayisana nezimoto ebeziphambi kwalo. Zibalelwa ku-15 izimoto ezithinteke ngezindlela ezahlukene kule ngozi.

Ngesikhathi kuhlolwa isimo sabalimele, abenkampani yezimo eziphuthumayo iFirst Paramedics balekelelane nozakwabo bakwa-ALS abezicishamlilo nabe-Redline Response Rescue kusetshenziswa udlawu lokutakula umshayeli obevaleleke emotweni yakhe eginqikile ngesikhathi kwenzeka le ngozi.

Kubizwe indiza enophephela emhlani yakwa-Netcare911 Aeromedical Helicopter ukuze ithuthe ngokushesha abalimele. Abantu abangu-17 bathole ukulimala okuhlukahlukene kusukela kokuphakathi kuya kokubucayi futhi bonke baphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe abebekudinga.  

Kubizwe indiza enophephela emhlani ukuphuthumisa esibhedlela abalimele kakhulu

Image: ALS Paramedic

Bangu17 abalimale kule ngozi eyenzeke ekuseni ngoLwesine kuN3 uma ubheke ePMB

Image: ALS Paramedics

Iloli ebandakanyeke kule ngozi eshiye izimoto ezingaphezu kuka15 zilimele

Image: Als Paramedics

Umgwaqo uvalwe isikhathi eside kutakulwa abalimele

Image: ALS Paramedics