Stan Mathabatha
Image: FACEBOOK
UPHIKO lwentsha lwe-ANC eLimpopo, selugxeke uSihlalo wale nhlangano, uMnuz Stan Mathabatha, othe ucela ukugudluka esikhundleni ngoba kunezinselelo ezikhona enhlanganweni.
Lolu phiko luthe i-ANC kumele iyichithe indaba yokuthi uyagudluka njengoba engasulile kodwa amane asule ngokusemthethweni.
Luthe kumele asule nasePhalamende uma ezwa ukuthi umthwalo uyamsinda.
Lukusho lokhu emva kokuba kuputshuke incwadi ebhalwe nguMathabatha, eyibhalela uNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, lapho ethe uyagudluka ekubeni uSihlalo wale nhlangano ngoba kukhona izinto angeneme ngazo.
Uthe uzimisele ukugudluka aze axoxe nobuholi bale nhlangano ngalesi sinqumo sakhe.
UNobhala we-ANCYL eLimpopo, uMnuz Phineas Sebola, uthe uMathabatha akamane asule uma ezwa ukuthi izinto ziyashisa.
Uthe kumele amane asule nasekubeni iPhini likaNgqongqoshe lezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya.
"Siyazi i-ANC ibhekene nezinselelo yingakho isezinhlelweni zokuzihlela kabusha. Akumele ngoba kunezinselelo bese abaholi bedla phansi. Azilungiswe izinkinga ezikhona enhlanganweni."
UMathabatha encwadini, ukhale ngokungaziphathi kwamanye amalungu okuphambene nemigomo yenhlangano.
Ukhale ngezingqungquthela zale nhlangano ebeziseVhembe naseWaterberg, njengembangela yokuthi ahoxe kulesi sikhundla.
"Ngifisa ukwazisa ubuholi be-ANC ngokuthi ngiyahoxa njengoSihlalo wale nhlangano eLimpopo. Ngikwenza lokhu ngenxa yezinto eziningi engizibonile kubalwa nendlela yokuziphatha. Ngizimisele ukuhlangana ngixoxe nobuholi mayelana nesinqumo sami. Okwamanje ngiyahoxa ukuze inhlangano iqhubeke isebenze ngaphandle kwami," kusho uMathabatha.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwe-ANC ngalolu daba ayiphumelelanga.
USihlalo kazwelonke we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uke wakhala ethi badinga umthandazo beyi-ANC ngoba izinto zimapeketwane.
Ekhuluma ngempelasonto lapho ebehambele khona kwelinye lamasonto, uthe isimo sibi ngakho badinga ukukhulekelwa.
Related Topics: