Izindaba

Abamatekisi banuka amaphoyisa ngokubabangisa ebhizinisini lezokuthutha

Zimbili Vilakazi|Published

ABEMBONI yamatekisi basabisa ngesiteka eThekwini, namuhla nangoLwesihlanu

Image: ARMAND HOUGH/INDEPENDENT NEWSPAPERS

ISOLA amaPhoyisa kaMasipala weTheku ngokuba sebhizinisini lezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile iSouth African National Taxi Council (Santaco) KwaZulu-Natal, esabisa ngesiteleka samatekisi esizomisa nse iTheku. 

Lokhu kushiwo oyikhulumelayo esifundazweni, uMnuz Sfiso Shangase, izolo. 

Uthe bayihlaziye njengokuphathwa ngesandla sensimbi amaphoyisa eyokushaqwa kwamatekisi kasosheshini waseClermont naKwaDabeka, ngoLwesihlanu olwedlule.


Kuleso siwombe, awu-25 amatekisi athathwa ngamaphoyisa, okukhona kuwo awu-20 alo  soseshini.

Ngesikhathi ewathatha, kuthiwa amaphoyisa athi awathatha ngenxa yokuthi awanazimvume zokusebenza. 

UShangase uthe bona bavukelwe eminye imibuzo kuthathwa amatekisi abo.

“Lokhu kwenzeka ngemumva kokuba kube khona isixakaxaka phakathi kosomatekisi balo soseshini nabashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile. Emva kokuthi kube khona ukushayisana ngezifuba, amaphoyisa abhozomele amatekisi ethu awathatha,” kusho uShangase.

Uthe lokhu kwenze basola ukuthi amaphoyisa akulo leli bhizinisi lezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile. 

Ubasolile abashayeli balezi zimoto, wathi okususe umsindo ukuthi babuye beqe ulayini, bayofuna abagibeli emarenki nasezinxanxatheleni zezitolo.

“Baze bashaye ngisho nama-hoot. Ilokho okususe umsindo KwaDabeka,” kusho uShangase. 

Uthe kungenzeka sibe khona ngempela isiteleka, amatekisi ame nse izinsuku ezimbili kubo bonke ososeshini abaseThekwini.

“Kudala sithi bazoza nganeno kodwa bengayingeni. Isiteleka yiso esibasondezile njengoba kukhona umhlangano oqhubekayo ngalokhu njengoba sikhuluma,” kusho uShangase othe umhlahlandlela ubuzophuma emva komhlangano izolo ebusuku. 

Uthe abanye ososeshini bazobe betelekela ukweseka ozakwabo abashaqelwe amatekisi embhidlangweni wamaphoyisa ngeledlule.

Okhulumela amaPhoyisa eTheku, uColonel Boysie Zungu, ukuqinisekisile ukuthi ukhona umhlangano ohleli phakathi kwezinhlaka ezithintekayo.

"Phakathi kwezikhalo zabo, ukusebenza kwamaphoyisa, ephoqa umthetho maqonda nezimvume zokusebenza kanjalo nokuboshwa kozakwabo," kusho uZungu, othe bake baziveza izinsolo zokuthi kukhona amaphoyisa asebhizinisini lalezi zimoto, nokho wathi azinabo ubufakazi obuphathekayo.