UMUFI uMmeli Ngcobo owabulawa ephuma esikoleni
Image: SITHUNYELWE
WENZA okungajwayelekile umndeni womfundi owabulawa njengoba uthi ngeke usingcwabe isidumbu ulinde isinqumo senkantolo lapho kuqulwa khona icala.
Umufi, uMmeli Ngcobo (16) owayefunda uGrade 12 eHillgroove Secondary, eNewlands East, kuvela ukuthi ngoFebhuwari 2021 kwafika imoto iMercedes Benz yamthatha yamthumba ngenxa yokuthi wayesolwa ekulahlekeni kweselula yomunye wabafundi.
Lelo kwaba yilanga agcinwa ngalo ukubonakala edla anhlamvana umufi. Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kwatholakala isidumbu sakhe KwaMkhizwane, ngaseCato Ridge, sishisiwe.
Ngemuva kwalokho bakhakhalelwa ngamasongo kaSigonyela oMnuz Asanda Nyawuza (23), Andile Myeni (19), Thuthukazi Nyawuza (37) noButte Nyamakazi (47). UMyeni, Nyawuza noNyamakazi bathweswe wuMbuso amacala okusabisa, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukuthumba nokubulala, bese kuthi u-Asanda abhekane nelokushaya kuphela.
Izolo unina kamufi, uNkk Hlengiwe Ngcobo, utshele Isolezwe ukuthi sekuhlangana iminyaka emihlanu manje kwenzeka isigameko kodwa isidumbu sisaduve amakhazeni kahulumeni asePinetown.
Uthe lokhu bavumelana nomndeni ukuthi mabakwenze.
''Sathatha isinqumo sokuthi siyomfihla uma sekuphothulwe icala sekuphume nesinqumo esizwakalayo kuleli cala. Nakanjani uma seliphothuliwe siyobe sesiqala ke senza amalungiselelo okumfihla,'' usho kanjena.
Izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini bekufakaza uSlindokuhle Ngcobo okuvele ukuthi ungomunye wabafundi ababekhona ngesikhathi kugasela imoto ithatha umufi ihamba naye. USlindokuhle utshele inkantolo ukuthi uyakukhumbula okwenzeka ngaleli langa.
Uthe yena waphuma wasilela ngemuva kwabanye abafundi. Kwathi esephuma wakhangwa yimoto iMercedes empunga eyayihamba izulazula ifuna iselula kaXolani.
Uthe le moto kwathi uma ihlangana nabanye babafundi ababekade behamba noMmeli yamane yama. Ngokusho kwakhe, kwathi seyimile kuyona kwehla amadoda amabili kwathi amanye amabili asala ngaphakathi emotweni.
Uthe okwadala ukuthi akwazi nokubona ukuthi ngaphakathi kukhona amanye amadoda asele yingoba amawindi emoto ayekhanya kubonakala kalula ukuthi kukhona abanye ngaphakathi.
"Sebehlile ababili bathatha umufi bahamba naye ngenkani bamfaka ezihlalweni ezingemuva, Ngemuva kwalokho imoto yahamba yathatha umgwaqo obheke ngasemgwaqweni uDumisani Makhaye,'' echazela inkantolo.
Eqhuba uthe kwathi besamangazwe yilokho bavumelana ngokuthi mabangathuli kodwa mababikele abakaMmeli ngosekwenzekile.
"Nebala sahamba saya kubo kaMmeli okuyilapho esafica khona ugogo wakhe samlandisa ukusuka nokuhlala,''usho kanjena.
Uthe ngemuva kwalokho bavumelana ngokuthi mabanikele esiteshini samaphoyisa eNewlands East ukuyovula icala. Utshele inkantolo ukuthi iselula okwakukhulunywa ngayo yayiduke ngoLwesihlanu, imoto yafika ngoMsombuluko.
Udalule ukuthi ngalo uLwesihlanu wakhuluma noMmeli emtshela ukuthi makabuyise iselula uma ithathwe nguye.
''Wangiphendula ngokuthi ngeke yena aze antshontshe iselula ngoba abazali bakhe bamphethe kahle banezitolo futhi ngosuku abanqeni ukumupha u-R300,'' kuchaza yena.
Ngokwamaphepha asenkantolo umufi wayesolwa ngokweba iselula kaXolani Nyawuza, oyindodana kaNyamakazi. Icala liyaqhubeka.
Related Topics: