UMSOLWA, uNksz Sibongile Ngwadla, osolwa ngokuthumba nokubulala ingane
Image: ZIMBILI VILAKAZI
YAZIKHALELA yathi: “Malumekazi uyangilimaza” ingane yomfana yakwa-Q, eMlaza, ngesikhathi owesifazane ongumakhelwane eyisonta intamo, eyibulala ngoMgqibelo odlule.
Lokhu kuvezwe uNksz Noncedo Ngwadla ongudadewabo kamsolwa ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMlaza, izolo, ngesikhathi evela okokuqala.
UNksz Sibongile Ngwadla (39), usolwa ngecala lokuthumba nokubulala uNtobeko Xaba (5). Umsolwa wayemthumbe ngo-Agasti 22, umufi, wambulala ngakusasa. Isidumbu sakhe size satholwa ngoLwesine olwedlule, emhosheni ongaphansi kwebhuloho eliphakathi kwaka-Q nakwa-U, sikhonjwa wuye umsolwa.
Emva kokuvela kwakhe enkantolo ebigcwele phama umphakathi, udadewabo, uNksz Ngwadla uthe wuye umsolwa omxoxele ukuthi umufi wazikhalela wathini ngesikhathi embulala.
“Ukhombise unya, eklinya ingane encane kangaka, maqede wayisonga ngengutshana (throw), wayiphonsa ngaphansi kwebhuloho,” kusho uNksz Ngwadla.
Umsole ngokungawucabangeli umndeni kamufi, ewuphuca othandiweyo wawo ngendlela enesihluku.
“Akwenzile kukhombisa ukuzicabangela yedwa. Akawucabangelanga umndeni wengane, yimbi into ayenzile,” usho kanje.
Umchaze njengowesifazane obenakho ukukhohlakala kodwa wathi bebengakaze bazitshele ukuthi usengaze abulale umuntu.
“Asikaze sizitshele ukuthi ngelinye ilanga angabulala umuntu, angiphathi ke ingane encane,” kubeka uNksz Ngwadla.
Uthe ngesikhathi efika ekhaya ngoMgqibelo, wafika esezihambela yedwa, wabatshela ukuthi kuthiwa untshontshe ingane kwa-Q.
Nokho uthe wabuye wayembathisa kahle inkulumo yakhe ethi usexhumene nonina kamufi, wathi akangabe esakhathazeka ngoba ingane isitholakele.
“Ecashe ngaphansi kombhede, wathi ukhetha kona kuze kuba ukuthi iyatholakala ingane bese beyabona ukuthi yena abengahlangene nokunyamalala kwayo,” usho kanje.
Udalule ukuthi ubulala umufi nje, yena uzele eziyisithupha izingane.
Unina wengane, uNksz Ntombifikile Xaba, uthe kumthusile ukuzwa ngaphakathi enkantolo ukuthi umsolwa uhlongoza ukufaka isicelo sebheyili.
“Emva kwento engaka ayenzile, angazi ukuthi isibindi sokufuna ukufaka isicelo sebheyili usithathaphi?” kusho uNksz Xaba.
Uthe ngesikhathi embona emile ebhokisini labasolwa, kuke kwathi akajombe ayombamba ngezandla ngenxa yobuhlungu amzwise bona, embulalela ingane, engakaze amone ngalutho.
Ngaphakathi enkantolo umshushisi woMbuso, uMnuz Lungelo Mkhithi, uthe bazosiphikisa isicelo sebheyili uma umsolwa esesifaka.
Waveza ukuthi kusekhona ulwazi olusashoda olufaka phakathi ukuthola kabanzi ngaye (profiling), uqinisekiswa kwekheli angaphuma ayohlala kulo uma kwenzeka ededelwa ngebheyili.
Umsolwa ucele ukumelwa ummeli kahulumeni.
Imantshi uMnuz Kheswa ibe isilihlehlisela uSepthemba 8, icala ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.
Umufi wanyamalala ngo-Agasti 22, eyodlala nezinye izingane.
Ezintatha zangakusasa unina wabe esethola umyalezo uvela enombolweni angayazi, umyalela ukuthi akafake u-R60 000 ngo-cash send ungakashayi u-1 wasemini, uma efuna ingane yakhe ibuye iphila. Omunye umyalezo wathi sesifikile isikhathi sokuthi akhokhe ngalokhu amenza kona ngo-2020.
Emva kokuhlatshwa komkhosi ngokunyamalala kwengane ezinkundleni zokuxhumana, owesifazane wasemijondolo yaKwaJeena, eMlaza, waveza umkhondo wokuthi umsolwa ufikile kuye ehamba nengane efanayo.
Waphinde wabonakala eyibelethe ngasezihlotsheni zakhe ezihlala eMalukazi, ngaphambi kokuba abalekele eMzimkhulu, lapho agcine ebanjwa khona ngoLwesithathu.
Related Topics: