Indawo lapho kugetshengwe khona imoto yemali
Image: X
Kushone abantu ababili ngesikhathi kuphangwa imali yemali eBoksburg ngoMsombuluko kulandela ukudubulana phakathi kwabasolwa ngokuba yizigebengu nenkampani yonogada.
Amaphoyisa athi imoto ethwala imali ishaywe ngemuva iMercedes-Benz esiliva, okudale ukuthi iphaphalaze ishayese itekisi yohlobo lweToyota Quantum, ebinabantu abayisikhombisa.
"Abahlanu kulaba abebephakathi bathole imihuzuko base bethola usizo lwezempilo kwathi abanye ababili baphume bengenamyocu," kusho okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGauteng, uColonel Dimakatso Nevhuhulwi.
Uthe iqeqebana labahlaseli abalinganiselwa kwabayisishiyagalombili liqhumise ngebhomu imoto ethwala imali base bebaleka nesamba semali esingadalulwanga. Kuqhume izibhamu ngesikhathi kuphangwa kwalimala abantu ababili abebebukele baphangalala khona lapho.
Kuboshwe umsolwa mayelana nalesi sehlo eDawn Park, eKurhuleni.
Amaphoyisa athole isibhamu, omagazini abahlanu abanezinhlamvu, imali echithekelwe udayi, nezimoto ezimbili iMercedes-Benz esiliva neBMW.
Uphenyo lusaqhubeka njengoba amaphoyisa athungatha abasolwa abaningi abathintekayo.