Izindaba

Iphazamise ukufunda impi yombango wezintombi

Zimbili Vilakazi|Published

Kuphazamiseke ukufunda ngenxa yempi

Image: Sigciniwe

BAKHATHAZEKILE abazali bezingane ezifunda esikoleni iMpunga High, eMzinto, isikole sinquma ukuthi kumiswe ukufunda ngenxa yempi yezigodi engapheli.

Encwadini ebhalelwe abazali ngoLwesine ebonwe yiSolezwe, abazali bayalelwe ukuthi bangazidedeli izingane zabo ukuba ziye esikoleni kusuka ngoLwesihlanu kuze kube uLwesithathu okuzobanjwa ngalo umhlangano wabazali.

Kule ncwadi kuvela ukuthi abafundi abafunda uGrade 8 kuya kuGrade 11, abahlale emakhaya kusuka ngoLwesihlanu.

Kuthiwa lokhu kungenxa yokuphazamiseka kokufunda ngenxa yezimpi zezigodi, izidakamizwa nokungaphephi kwabafundi nothisha. 

Iqhubeka iveza ukuthi kuzoba khona umhlangano wabazali ehholo lomphakathi eJolivet ngoLwesithathu. 

Iveza nokuthi ukufunda kuzoma kuze kube wukuthi kuba nomhlangano.

Leli phephandaba likhulume nomzali onengane efunda kulesi sikole, ongeke avezwe, odalule ukuthi izingane ezilwayo ezabafana.

“Zibanga izintombi,” kusho umzali.

Uthe izigodi ezithintekayo yiGoqo, yi-14 neNkawini.

“Balwa ngaphakathi esikoleni, bashayana ngezandla. Impi yabo isinesikhashana iqalile belwa  izinsuku ezintathu, kubuye kuthule, iphinde iqhubeke ezinye izinsuku ezintathu,” kusho umzali. 

Uthe kuyabakhathaza okwenzekayo bengabazali, wathi okubi kakhulu wukuthi lesi yisona sikole esiseduze kuwona wonke umuntu. 

“Siyafisa ukuthi kube khona isixazululo. Okungenani akuthathelwe izinyathelo abafundi abazibandakanya nempi ngoba yize kungesibo bonke abalwayo, kodwa uma sekuvalwa isikole kugcina sekuchaphazeleka nabafundi abangahlangene,” kusho umzali.

Uthishanhloko wesikole uthintiwe ekuseni izolo, wathi usabambeke emhlanganweni, wacela ukuthintwa ntambama ukuze anikezele ngenombolo yomzali osesigungwini sesikole iSchool Governing Body (SGB). Kuthe sekubuyelwa kuye ngaleso sikhathi ubengasalubambi ucingo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uluvalile ucingo ngesikhathi intatheli imfonela nomyalezo awuthunyelelwe ngoWhatsApp akazange awuphendule.