Izindaba

Umphakathi udubele emjondolo wosolwa 'ngokuthumba abulale' ingane

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uNtobeko Xaba

Image: SITHUNYELWE

UVUKE wawudiliza izolo umphakathi wakwa-Q, eMlaza, umjondolo okuthiwa ubuhlala owesifazane osolwa ngokubulala ngesihluku ingane yomfana esencane, kulandela ukungawutholi uR60 000 abewufuna ngodli kunina wale ngane.

Isidumbu sikaNtobeko Xaba (5) sitholwe ngoLwesine, kulandela ukukhonjwa kwaso wumsolwa obanjwe esebhace eMzimkhulu. 

Ngokusho kukaninakhulu kamufi, uNkk Thandekile Xaba, umsolwa utshele amaphoyisa ukuthi umufi wambulala ngoMgqibelo ngesikhathi ebona kushaya isikhathi ayesinqumele unina ungangeni umyalezo wemali.

“Utshele amaphoyisa ukuthi wayibulala ngokuyisonta intamo ingane,” kusho uNkk Xaba. 

Uthe lapho kutholakale khona isidumbu, yisemhosheni ongaphansi kwebhuloho eliphakathi kwesigceme sakwa-Q nesakwa-U. 

“Itholwe isithanda ukonakala ingane, kuphele izinsuku ihleli exhaphozini lamanzi,” kusho uNkk Xaba.

Uveze ukuthi kukhona lapho unina wengane ake wangaboni ngaso linye nomsolwa, bebanga ibhakede elishisisa amanzi (urn).

Nokho uthe ubengakaze azitshele ukuthi usengabulawelwa ingane ngalokho ikakhulukazi njengoba avele waliduba ibhakede lakhe, umsolwa egweva nalo.

“Kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa empheka ngemibuzo umsolwa uthe ngesikhathi ecabanga ukuthi iyiphi ingane azokwenza ngayo ubugebengu, emqondweni kuvele wafika le agcine eyibulele," usho kanje.

Uthe umphakathi udilize umjondolo wakhe wathi awumdingi endaweni.

“Bathe abakwazi ukuhlala nesigebengu. Kungakuhle ahlale ejele angayifuni ibheyili ngoba umphakathi udiniwe,” kusho uNkk Xaba. 

Umsolwa uboshwa nje, kuthiwa kukhona isihlobo sakhe esathinta izihlobo eMzimkhulu, sathi uma efika, abosihlebela ukuze sibikele amaphoyisa ngoba uhambe ethumbe ingane eThekwini.

“Sizwa kuthiwa ubumfihla ke kodwa umndeni wakhe waseMzimkhulu ngoba ngesikhathi kufika amaphoyisa ezomfuna, bathe abamazi. Kusize ukuthi elilodwa livele libuze enganeni, evele yamkhomba ezimboze ngenqwaba yezingubo embhedeni,” usho kanje.

Ubonge owesifazane wasemijondolo yakwaJeena, owahlaba umkhosi ngesonto eledlule, ngokuthi ubone umsolwa efika kule ndawo nengane yomfana ekubeni bemazi eneyentombazane.

Uthe emva kokuvela kwezindaba zokuthunjwa kwengane, baningi ebese bevela obala besho ukuthi umsolwa uwumuntu oyisigebengu.

“Thina besimbona ewumuntu okahle, ongakhombisi ukuthi uyisigebengu. Abanye bayambabaza ngobugebengu bokuqhwaga abantu imali, nokho bathi bebengakaze bazitshele ukuthi usengabulala umuntu,” kusho uNkk Xaba.

Umufi wathunjwa wumsolwa ngoLwesihlanu olwedlule. Wabe esethumela umyalezo kunina ethi sesifikile isikhathi sokukhokha ngobuhlungu amzwisa bona ngo-2020. Kuthiwa wamnqumela ugwayi katiki ethi akungashayi u-1 ngakusasa imali engayithumelile.

Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza namuhla.